UTignyemb usola iPirates ‘ngokubulala’ ikusasa likanozinti
Njabulo Shezi
Owayengunozinti weBloemfontein Celtic, uPatrick Tignyemb uthi engabheja ngemali yokugcina ukuthi kukhona abalandeli be-Orlando Pirates abangamazi uKopano Thuntshane.
Lokhu ukusho efakazisa isitatimende sakhe sokuthi leli qembu laseSoweto libulale ikusasa lalo nozinti osemncane ngokumenza ishaphisi.
Ebhala kwi-Intsagram yakhe, uPatrick Tignyemb ufake isithombe sikaThuntsane, wasiphelezela ngombhalo othi lo nozinti osemncane umoshelwe isikhathi kwi-Orlando Pirates.
“Omunye umdlali okubulawe ikusasa lakhe eSoweto. Uhlale iminyaka engu-11 kwi-Orlando Pirates kodwa akakaze adlale nakanye eqenjini elikhulu.
“Bagcine bemkhululile kuleli windi lokusayinwa kwabadlali lakamuva. Ngingabheja ngokuthi kukhona abanye (babalandeli) be-Orlando Pirates abazi nokuthi ubani igama lakhe.
“Wothi ngilinde ngizwe ukuthi ukhona yini olaziyo igama lakhe,” kubhala le nkakha efake isithombe sikaThuntsane edlubhe imibala yeZimnyama.
UThuntsane, oneminyaka engu-23, ngunozinti okhulele enkulisa yePirates kanti bekubhekwe ukuthi agcine efike ezingeni eliphezulu.
Kodwa ube ngomunye wabadlali abakhululiwe ekupheleni kwesizini edlule, kuvulwa isikhala sabanye abadlali.
Kwesakhe kungene unozinti osemncane nobukeka enekusasa elihle kakhulu uMelusi Buthelezi.
I-Orlando Pirates isayine uButhelezi kwiTS Galaxy njengoba beyifuna ukuqinisa konozinti, lokhu kuqede isikhala sikaThuntsane.
Ngesizini ka-2019/20 iPirates ike yambolekisa kwiBizana Pondo Chiefs uThuntsane kodwa nakhona wadlala umdlalo owodwa.
Wadlala kowokuhlungela iNedbank Cup, wangenelwa amagoli amathathu. Ekubuyeni kwakhe akazange alithole ithuba kwiBucs.
FUNDA NALA: Owayegijima kwiBucs usayine kwelikaNasreddine Nabi eMorocco
Nokho uke waba sebhentshini emidlalweni embalwa kumasizini amabili edlule ngesikhathi i-Orlando Pirates ilinyalelwe uRichard Ofori.