UMosele umangazwe yikhono likaMammila lokuqeqesha
Njabulo Shezi
Umdlali weChippa United, uGoodman Mosele ubemazi njengesikhulu uMorgan Mammila futhi umangalile ukumbona enza umsebenzi omuhle wokuqeqesha.
UMosele ubolekiswe yi-Orlando Pirates kwiChippa. Ufice kunguMammila umqeqeshi. Yena ubemazi eyisikhulu njengoba babegcinene kwiBaroka FC eyimenenja.
Kodwa manje uMammila usashiya ekuphatheni, wazingenela mathupha enkundleni njengoba esebuya isibili ekuqeqesheni iChippa.
“Ukuphinde ngihlangane noMorgan, ngingathini nje, siyazana vele. Ngiyamazi, naye uyangazi, ngakho yinto emnandi,” kusho uMosele kwabe-iDiski Times.
UMammila nguye owanika uMosele inkontileka yakhe yokuqala ngesikhathi efika ebholeni elikhokhelayo ezodlala kwiBaroka.
“Angifuni ukuqamba amanga, ngamangala kakhulu,” kusho uMosele ngokufica uMammila esengumqeqeshi kwiChippa.
“Le ndoda iyawazi umsebenzi wokuqeqesha. Ungumuntu olungile. Wenza umsebenzi wethu ube lula ngoba siyamulwela, naye uyasilwela.
“Ungumuntu olungile. Uyasithanda, nathi siyamthanda ngakho yonke into iqondile.
“Unikeza wonke umuntu inkululeko, lokho kuyasisiza ngoba kwenza sazi ukuthi sinomqeqeshi osithembayo nokholelwa kithi.”
Selokhu efikile kwiChippa uMosele uyidlale yonke imidlalo futhi ubonakala ebuyela kulowa mdlali abewuyena efika kwiPirates.
FUNDA NALA: Kucaciswa eyokubuyiselwa kwabeChiefs eqenjini le-DDC
Uke wabhekana nezinkinga ngesikhathi ekwi Pirates. Yize ekhulumile ngazo esidlangalaleni, kodwa akathandanga ukuzidalula.