UMayo uchaza ngomuzwa wokuqala kahle kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Akakwazi nokuchaza indlela ajabule ngayo ngokufika kwiKaizer Chiefs asheshe akhombise ukuthi ayilenzanga iphutha ngokumsayinisa, umgadli uKhanyisa Mayo.
Lo mdlali ishaye igoli eqala ngqa ukugqoka imibala yaMakhosi, ngesikhathi ebambana neMarumo Gallants ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
IChiefs iyona eshaye igoli kuqala kulo mdlalo ngesiwombe sokuqala kodwa iGallants yabuya yalinganisa ngesesibili.
UMayo uthe ubewubheke ngabomvu umdlalo wakhe wokuqala kwiChiefs futhi wesese ngokuthi ubingelele ngegoli.
“Bengizizwa ngikahle ngisaya emdlalweni,” kusho uMayo kwi-website yeChiefs.
“Bengizilolonga ngokuzimisela ukuze ngingene eqenjini elisuke lizodlala. Wonke umuntu eqenjini ubelokhu engeseka selokhu ngifikile, okuyinto engiyibongayo kakhulu.
“Ngesikhathi ngingena enkundleni bekuwumzuzu engiyohlale ngiwujabulela. Kodwa bengazi ukuthi kukhona umsebenzi obekumele ngiwenze futhi bengizimisele ukulibamba ngazo zombili ithuba.
“Bekukhona nomunyu. Angikwazi ukuchaza indlela ebengizizwa ngayo ngaphakathi.
“Bekuwumuzwa omnandi kakhulu. Kuyangigqugquzela ukuthi ngenze okungaphezulu, ikakhulukazi ukusiza iqembu ukuthi lifeze izinhloso zalo.
UMayo uthe kuyinto emenelisayo ukuthi wenza njengoyise uPatrick Mayo, oke wadlalela Amakhosi eminyakeni edlule.
“Ukuhamba ezinyathelweni zikababa, ngingene ezicathulweni zakhe, kube yinto ebaluleke kakhulu kimina,” kusho uMayo.
“Akulula ukukhula nengcindezi yokuba nobaba okwaziwayo ukuthi wayelidlala ibhola. Nokho yinto engiyithatha njengoba onjalo.
“Singabantu ngendlela yethu futhi sonke kumele sisebenze ngokuzikhandla ukuze siphumelele.
“Lona bekungumdlalo wami wokuqala futhi ngiyakholwa ukuthi ngizokwazi ukwenza kangcono njengoba ngizama ukuzijwayeza konke lapha.”
IChiefs ibingawunqoba lo mdlalo kodwa iphenathi kaGaston Sirino wayivimba unozinti weGallants uWashington Arubi.

