Ufuna ukuqhuba isiko lokunqoba kwiBafana uHugo Broos
Sbongs Gumbi
UHugo Broos ufuna iBafana Bafana ingakhohlwa yisiko lokuwina azama ukuligxilisa kuleli qembu.
Yingakho ke emdlalweni wobungani neDemocratic Republic of Congo ngoLwesibili ntambama ezosetha isikimu esiqinile.
IBafana idlale ngokulingana neNamibia emdlalweni wokuzwana amandla neNamibia ngempelasonto kanti akakuthandanga lokho uHugo Broos.
Nokho kulo mdlalo ubebophele iningi labadlali asafuna ukubabona ukuthi bamphatheleni. Yize lizamile, lehluleka wukushaya iNamibia.
Lo mqeqeshi usethembise ukuthi ngeke ayithambisele iDR Congo abazobhekana nayo e-Orlando Stadium, ngoLwesibili ngo-5 ntambama ngoba ufuna ukuvala ikhempu ngegiya eliphezulu.
“Sizobhekana neqembu esingase sibhekane nalo kwi-Afcon futhi lingcono kakhulu kuneNamibia, linabadlali abasezingeni eliphezulu,” kusho uHugo Broos.
“Badlala ngendlela ehlukile kuneNamibia futhi ngicabanga ukuthi kuzoba wumdlalo omuhle kunalo wangoMgqibelo.
“Awuzukuba ngcono ngoba thina sifuna ukunqoba, kodwa nangokuthi nabo bazobe bebheke ukuwina kulo mdlalo… womabili amaqembu afuna ukunqoba.
“Umphumela walo mdlalo ubalulekiile, sizojika ukwenza kancane kulokhu. Kumele siwunqobe lo mdlalo.
“Angifuni le khempu siyivale ngokudlala ngokulingana noma ngokuhlulwa. Nabadlali bazobe bejike ukwenza.
“Ngeke sibophele iqembu elifanayo. Njengoba bengike ngasho, sinohlelo esilulandelayo, ngakho wonke umdlali uzolithola ithuba lakhe.”
Lo mqeqeshi uzosebenzisa lo mdlalo ukwakha umgqigqo azoya ngawo emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoNovemba.
Kungenzeka abuyise zonke izethenjwa zakhe okungoRonwen Williams, Percy Tau, Zakhele Lepasa noTebogo Mokoena phakathi kwabanye.
“Kuzoba yiqembu elihlukile kancane. Ngilindele okungcono kuleli qembu. Ngifuna ukubona leBafana engayibona sibhekene neMorocco neLiberia.
“Ngifuna lelo qembu… Sizodlalela ukunqoba,” kuchaza uHugo Broos odabuka eBelgium.
FUNDA NALA: UMosele umangazwe yikhono likaMammila lokuqeqesha
Uma kuphela le khempu yeBafana, isiyoze iphinde ihlangane ngoNovemba sekuqala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.