EzakamuvaIbhola

Kucaciswa eyokubuyiselwa kwabeChiefs eqenjini le-DDC

Njabulo Shezi

Kushiye imibuzo ukubonakala kwabadlali beqembu elikhulu kwiKaizer Chiefs, oMduduzi Shabalala, Wandile Duba no-Aden McCarthy eqenjini leDStv Diski Challenge ngempelasonto.  

Phela laba badlali sebesonyakeni wabo wesibili bekhushulelwe eqenjini elikhulu elidlala kwiDStv Premiership. 

Okwalaba abanye kucishe kuzwakale ngoba vele abavamisile ukungena eqenjini eliya emidlalweni yeKaizer Chiefs, kodwa okukaShabalala yikhona okuxakeabaningi. 

UShabalala usengomunye wabadlali abangasali kwabangu-18 abaqokelwa imidlalo ngumqeqeshi uMolefi Ntseki eqenjini elikhulu. 

Kumanje uShabalala usedlale imidlalo engu-20 eqenjini elikhulu leChiefs kusukela anyuselwa kulo ngo-Agasti nyakenye. 

UDuba yena usadlale eyisithupha kanti uMcCarthy, oyindodana yenkakha yeKaizer Chiefs uFabian McCarthy, akakadlali.

Kodwa ngesikhathi iqembu leKaizer Chiefs leDDC lidlala ne-Orlando Pirates ngempelasonto, laba badlali bebekhona nabo. 

Bobathathu bawuqalile umdlalo. Lo mdlalo uphele zibambene ngo 1-1 lezi zinkunzi zaseSoweto

Abanye basole ukuthi iKaizer Chiefs beyinqena ukuthi iqembu layo leDDC lihlubule futhi lingase lithole isibhaxu esinzima kwiBucs. 

Yingakho kuqokwe ukuthi ‘kupikwe’ abeqembu elikhulu ukuthi bazoshoka kwelincane, livike ihlazo lesibhaxu sezimbangi zalo ezinkulu. 

Nokho umqeqeshi waleli qembu, uVela Khumalo usechazile ukuthi kungani elande laba badlali eqenjini elikhulu, ezoshoka ngabo kwiDDC. 

“Indaba kaMduduzi, uDuba no-Aden… besifuna ukubanika isikhathi sokudlala,” usho kanje uKhumalo kwabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Kushubile ngale (eqenjini elikhulu). Kulwelwa imiphumela eqenjini elikhulu ngakho abalitholi ithuba elanele lokudlala. 

FUNDA NALA: Usatshiswa wukushabalala konozinti kuleli uKati Mzimela

“Basekhona nalana kithi ngoba iminyaka isabavumela. Ngijabule ngendlela abadlale ngayo, bese siside isikhathi bagcina ukudlala umdlalo wokuncintisana.”