EzakamuvaIbhola

‘Ayihlabi ngakumisa,’ kusho uMaduka ngo-Andile Mpisane

Umqeqeshi weRoyal AM, uJohn Maduka uthi abantu akumele babuke indlela usihlalo weqembu obuye abe umdlali, u-Andile Mpisane abukeka ngayo bese bemeya. 

Lo mdlali uke waba yihlaya ezinkundleni zokuxhumana ngesizini edlule. Wangena enkundleni ebukeka ekhuluphele. 

Abantu babehlekisa ngaye bethi ufakwe ngoba engumnikazi weqembu, hhayi ngoba ekufanele.

UMpisane usebuyele ngokugcwele eqenjini elikhulu kule sizini, futhi uMaduka uthi uyazikhandla impela. 

Ubekhona ebhentshini ngesikhathi Royal AM ibambana neKaizer Chiefs ngo 0-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo. 

Nokho ugcine engasetshenziswanga. Kodwa uMaduka uthi akusekude alithole naye ithuba. 

Kungenzeka ke vele alithole njengoba iqembu livaliwe ekusayineni abadlali abasha okuphoqe lilande enkulisa yalo.

Kumanje kugcwele abafana abancane kuleli qembu likaMaduka kanti abanye sebeqalile ukuziveza ukuthi balijabulele leli thuba. 

Sekusele kuye ke umfo kaMpisane ukuthi yena uyokwenza njani mhla enikwa elakhe ithuba.   

“Uyasebenza (u-Andile Mpisane). Uyajima neqembu futhi aze aqede nje impela ngisho kuthiwa siqinisa imizimba. 

“Akayena umdlali ovilaphayo, abaleke,” kusho uMaduka ngemuva kwalo mdlalo wabo neChiefs. 

“Ungambona ebukeka enjena (emkhulu ngomzimba), kodwa njalo uma sijima, naye uyajima size siqede. 

“Kusuke kunzima uma kuqiniswa imizimba, kodwa uba khona size siqede.”

Uthe u-Andile Mpisane bake bamsebenzisa emidlalweni yokulungiselela isizini futhi wadlala isikhathi esanele. 

FUNDA NALA: Isikhulu seStellies siveza iqiniso ngo-OX nesicelo seChiefs ngaye

“Sigcina ukumsebenzisa sibhekene naMaZulu wadlala imizuzu angu-70 kuya ku-75 futhi akakhombisanga ukukhathala. Useyingxenye yeqembu.”