EzakamuvaIbhola

Izandisele umsebenzi iPirates ishaywa yiGalaxy kwiChampions League 

I-Orlando Pirates seyiyiqansisile indlela yayo ebhele esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League. 

Lokhu kulandela ukuthi leli qembu lishaywe yiJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 1-0 emdlalweni womlenze wokuqala esigabeni sokuhlunga. 

IPirates sekomele yenze kangcono kakhulu emdlalweni womlenze wesibili – iwine ngamagoli amabili kuya phezulu. 

Lo mdlalo womlenze wesibili uzoba se-Orlando ngempelasonto yokugcina kuSepthemba. 

Kumele kubalulwe ke nokho ukuthi iPirates isebenzise abadlali abangajwayele ukudlala kulo mdlalo obuseBotswana National Stadium ngeSonto ntambama. 

Phakathi kwabaqale umdlalo bekukhona oLesedi Kapinga, Sandile Mthethwa, Kabelo Dlamini noSouaibou Marou.

Kusolakala ukuthi umqeqeshi weBucs, uJose Riveiro, ubebonga abadlali bakhe abajwayele ukudlala. 

Lokhu kungenxa yokuthi iPirates inomdlali onzima weDStv Premiership la izobhekana khona neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu. 

Impempe isingakuveza ukuthi leli qembu libekelwe ukuthi linqobe iPremiership nayo iChampions League kule sizini. 

Nokho ke izamile ukubuya kulo mdlalo weGalaxy, futhi yiyo ebiphethe umdlalo kodwa ibiwashweba amathuba. 

Igoli leGalaxy lingene ngomzuzu ka-21, kodwa ikwazile ukuvala emuva yaze yagcina inqobe ngalo. 

Wonke amanye amaqembu akuleli adlala emiqhudelwaneni yeCaf enze kahle ngaphandle kwayo iPirates. 

IMamelodi Sundowns yazihubuluzela isobho kwiBumamuru FC yaseBurundi, iyishaya ngo 4-0 ngoLwesihlanu. 

KwiCaf Confederation Cup, iSuperSport United ibambane ngo 1-1 neGaborone United khona eBotswana. 

Beyikade ihamba phambili ngo 1-0 kodwa yayilahla ekugcineni idedela elasekhaya ukuthi lilinganise. 

FUNDA NALA: ‘Ayihlabi ngakumisa,’ kusho uMaduka ngo-Andile Mpisane

ISekhukhune United yona ishaye iSt Eloi Lupopo yaseDR Congo ngo 3-1 ngawo uMgqibelo, izenzela ube lula umdlalo wasekuhambeni.