Ufuna kufakwe imali ebholeni labesifazane uGugu Marawa
Alfred Ngubane
UGugu Marawa weKZN Academy useveze owakhe umbono ngokuthuthukiswa kwebhola labesifazane kuleli, ubuza ukuthi ngobani ngampela okumele bafake imali kulo mkhankaso.
“Amaligi amakhulu afana ne-Engilsh Premiership, La Liga namanye adlala kakhulu ngemali efakwa yizinkampani zokusakaza.
“Kuleli siyazi ukuthi iligi enkulu ixhaswe yiDStv futhi siyayazi nemali abayifakayo ukuze basakaze imidlalo yePLS.
“Mhlawumbe manje sekumele sazi ukuthi iSABC yona ifaka malini ebholeni labesifazane njengoba kuyiyo elisakazayo leli bhola,” kusho uGugu Marawa.
UGugu Marawa uthe iBanyana Banyana ebidlala eNdebeni yoMhlaba beyincintisana nabadlali abadlali kumaligi axhaswe ngezimali ezinhle futhi akhokhela kahle.
“IBanyana kumele ishayelwe ihlombe njengoba abadlali bepatanisa ngezinsiza kodwa bebencintsisana nabadlali abanakho konke.
“SineSasol League neHollywoodbets Super League kodwa ayikho iligi yebhola labesifazane ekhokhelayo kuleli.
FUNDA NALA: UThami Mkhize uveza okwenza iCity ingayithathi kancane iChiefs
“Abadlali bethu basinikezile umhlahlandlela futhi sekumele abafaka imali ebholeni labesilisa bayifake nakwelabesifazane.”