EzakamuvaIbhola

Isikhulu seStellies siveza iqiniso ngo-OX nesicelo seChiefs ngaye

Isikhulu esiphezulu kwiStellenbosch FC, uRob Bernardie usekuqinisekisile ukuthi sesifikile isicelo esivela kwiKaizer Chiefs sokuthenga uSibongiseni Mthethwa. 

Sesiside ke isikhathi leli qembu laseNaturena limataniswa nalo mdlali wasesiswini ongomunye wabenza kahle ebholeni lakuleli. 

Umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki, naye ukuvezile ngeviki elidlule ukuthi impela uma engathola lo mdlali ngabe uhlabene. 

Lokho akumphathanga kahle uzakwabo wakwiStellies, uSteve Barker othe akukuhle ukukhuluma ngabadlali belinye iqembu. 

Kodwa ke sekuyacaca ukuthi vele asiseziningi izinsuku zikaMthethwa kwiStellies njengoba kungase kuphele iviki elizayo eseseSoweto.

Isikhulu esiphezulu kwiStellies, okuyiso esithatha izinqumo ezinqala, sesikuvezile ukuthi akhona amaqembu asevelile kuso ezocela ukudayiselwa lo mdlali. 

“Kuningi okubikiwe okungamahlebezi ngalo mdlali muva nje. UMthethwa ungumdlali obalulekile kwiStellenbosch FC, umdlali esifisa ukumgcina,” ucashunwe esho kanje uBernardie kwiSABC Sport. 

“Akhona amaqembu ambalwa aseveze izifiso zawo ngaye, okukhona kuwo nesivela kwiChiefs. 

“Kodwa okwamanje usengumdlali wethu ngokugcwele,” usho kanje uBernardie ngoMgqibelo. 

Kwamanye amaqembu aseke avela kwiStellies eyocela ukudayiselwa lo mdlali kukhona ne-Orlando Pirates. 

Yona kuthiwa ifike nemali, yathembisa nokuboleka iStellies abadlali ababili okukhona kubo uKarim Kimvuidi noyedwa phakathi kukaMakhehleni Makhaula noBen Motswari. 

IChiefs iqale ngaphambi kokuqala kwesizini ukufuna lo mdlali, yafika yajikiswa njengoba yayiphethe imali engaphelele. 

Ngaleso sikhathi iStellies beyifuna uR8-million. Ibuyelile iChiefs muva nje seyiphethe le mali, kodwa yafika kwathiwa intengo seyinyukile. 

Isizathu salokho kube wukuthi iStellies ikhala ngokuthi ayisezukuba naso izikhathi sokuthola umdlali ezovala ngaye isikhala. 

FUNDA NALA: UBarker ukhuza uNtseki weChiefs ngokukhuluma ngomdlali wakhe

Iphinde yabuyela ke iChiefs ngeviki elidlule seyiphethe imali engconywana. Sekusele kuyo iStellies ukuthi inqume ukuthi uMthethwa uya kuliphi iqembu eSoweto.