Makaringe: Ngaqashelwa ukudlala ibhola, hhayi indawo ethile
UFortune Makaringe akanankinga nokudlaliswa emuva kwesokunxele, okuyindawo adlale kuyo emidlalweni emitahthu edlule ye-Orlando Pirates.
Uthi yena waqashelwa ukudlala ibhola, asize iqembu kwiPirates, ngakho ukuthi udlala kuyiphi indawo akubalulekile.
Okubalulekile wukuthi abe senkundleni, asize iqembu, kusho uFortune Makaringe oseneminyaka emine ekwiPirates.
Uzithola edlala kule ndawo yasemuva nje kungenxa yokuthi abajwayele ukudlala kuyo, oBandile Shandu noThabiso Monyane balimele.
Nakwesokunxele iPirates ishoka ngoDeon Hotto njengoba uPaseka Mako no-Innocent Maela nabo belimele.
“Yindawo eyinselelo impela,” usho kanje uFortune Makaringe ekhuluma nabeSowetan kuleli viki.
“Kodwa ke kimi okubalulekile wukudlala ibhola, ngidlalele ukusiza iqembu – yilokho okuphambili kimi.
“Ngizokuvezela iqiniso nje, ngesikhathi umqashi engiqasha lapha, abashongo ukuthi ngizodlala indawo ethile.
“Bangiqasha njengomsebenzi ozimisele futhi okulungele ukusebenzela iqembu.
“Ngakho kimi ukudlala emuva akuyona into engiyixwayayo,” kuchaza lo mdlali owaziwa nangomjiko.
Ngaphambi kokuqala kwesizini, iPirates yayiklelise uBen Motswari njengomunye wabadlali basemuva kwesokudla.
Kodwa uMotswari ubuye wabolekiswa kuMaZulu FC, kwasala isikhala njengoba sesivalwe uMakaringe nje.
“Sesiside isikhathi sikulungiselela lokhu, futhi mina kudala ngikulungele ukudlala noma kephi nenkundla. Ngakho okwami ukungena enkundleni ngidlale.”
Njengoba oShandu noMonyane bengakalulami, cishe uFortune Makaringe nguye ozoqhubeka nokudlala kule ndawo kuze kuyiwe ekhefini.
IPirates isalelwe yimidlalo emithathu ngaphambi kwekhefu likKhisimuzi. Izobhekana neGolden Arrows ngeSonto eHammardale.
FUNDA NALA: OweDowns akafuni i-Spurs ibagile njengePirates
Ngemuva kwalokho izobe seyibhekana neSuperSport United ePitori ngoDisemba 23, bese ivala unyaka ngeStellenbosch FC ekhaya ngoDisemba 29.

