Ujikisiwe owe-Orlando Pirates eyolobola ‘ngamakinati’
Utshelwe ukuthi uzomosha isikhathi sabakhwe bakhe umdlali we-Orlando Pirates othumele abakhongi bephethe ‘amakinati’.
Kuthiwa lo mdlali wasesiswini ubethi uzobajika abasekhweni njengoba ehlala enza enkundleni bese bevuma noma yini ayiphethe.
Kodwa ubuyele emuva ephoxekile sebevele bagajwa, kwathiwa abajike nawo u-R20 000 abezovela ngawo.
Ngokubika kwabeZimoja, uNdabayithethwa Ndlondlo – odlala esiswini kwi-Orlando Pirates – ubekhiphe abakhongi ngempelasonto beyomlobolela unina wezingane zakhe uKgaugelo Gulame.
Kodwa akuhambanga ngohlelo ngesikhathi ethola ukuthi kubhekwe imali enkulu kakhulu kunale abeyiphethe yena.
Empeleni nje lo-R20 000 abebewuphethe uvele waba amakinati uma sekuqhathaniswa nebizwe abasekhweni.
Kuthiwa abakwaGulame bathe bafuna u-R150 000 ngendodakazi yabo, ngale kwalokho abaphinde emuva.
“UKgaugelo noNdlondlo sebethandane isikhathi eside futhi banezingane ezimbili,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Angiqondi ke ukuthi kungani manje umndeni wakhe umenza kanje, umfuna imali engaka…”
Omunye umthombo okuthiwa usondelene noKgaugelo, uthi kwanaye uphoxekile ngesenzo somndeni wakhe ngoba le mali bekusengeyokuzovela nje.
“Lena bekufana nokuthi ngeyedipozi yokubonakalisa ukuthi bazimisele kangakanani ukulobola uKgaugelo.
Uqhube wathi uNdlondlo ubebheke ukuthi uzoshiya ingxenye yemali abazoyifuna ngoba ubebheke ukuthi uma bemdulela, bafune u-R40 000.
Okunye okuvelile wukuthi uNdlondlo akezwani kahle noyise, ngakho ugcine ecela omakhelwane ukuthi kube yibo abayomlobolela.
“Mhalwumbe babone ukuthi ngoba akukho muntu oyisihlobo sakhe (uNdlondlo), base beyenyusa kakhulu imali.
“Akumphathanga kahle ukujikiswa kwakhe. Uzokhumbula ke ukuni unina sewashona kanti akakaze abe nobudlelwano noyise.
“Yena ubesezitshela ukuthi bawumndeni kuye ngoba usevele uhlala nayo indodakazi yabo ngokugcwele.
“Futhi ubesanda kwenza itiyana la obekugcwele khona abomndeni kaGaugelo ngoba yena akanazo izihlobo eziseduze,” kusho umthombo.
UNdlondlo ungomunye wabadlali okubhekwe ukuthi babe yiphela endlebeni kwiMamelodi Sundowns uma seyibhekene ne-Orlando Pirates.
FUNDA NALA: Uyikhomba kumphathi inkinga yeCT Spurs uKannenmeyer
Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weDStv Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 kusihlwa.