EzakamuvaIbhola

Imenenja ichitha eyokulimala ‘okungalapheki’ kukaSamir Nurkovic

Njabulo Shezi

Imenenja yowayengumgadli weKaizer Chiefs, uSamir Nurkovic, uDajan Simac, isikuqinisekisile ukuthi lo mdlali ngeke esaya kwiCape Town City njengoba sezibhuntshile izingxoxo zabo. 

Uphinde wachitha nemibiko yokuthi lo mdlali odabuka eSerbia unokulimala okungalapheki edolweni. 

NgoSepthemba 2021, esekwiChiefs, uSamir Nurkovic wahlinzwa ukuze alungise uqwanga olwalulimele edolweni lakhe langakwesokudla. 

Lokhu kwenza wangadlala imidlalo engu-14 yokugcina yeligi yesizini ka-2021/22. Amakhosi abe esemchitha lo mgadli ngoJulayi nyakenye. 

IRoyal AM yagxuma yamhlwitha njengoba ayetholakala mahhala nje. Kodwa ibuye yamlaxaza lo mdlali oseneminyaka engu-31kusaphele izinyanga ezintathu imsayinile. 

Kodwa ke lokhu uSamir Nurkovic nemenenja yakhe bakuthathela izinyathelo zomthetho eziholele ekutheni iFifa ibambe iRoyal AM ngesigwebo sokungabasayini abadlali. 

Kodwa lesi sigwebo sisahoxisiwe yiCourt of Artitration for Sport kulandela ukudluliselwa kwecala kuyo yiRoyal AM. 

USamir Nurkovic bese kubikwa ukuthi usezojoyina iCity ngemuva kokuziqeqesha nayo ngesikhathi ibuyela ejimini ngenyanga edlule. 

Kodwa-ke, iqembu elizinze eKapa nalo mgadli abakwazanga ukuvumelana ngenkontileka, yingakho ke engeke esasayinwa, ngokusho kukaSimac. 

“Izingxoxo neCape Town City sezifile ngoba asikwazanga ukuvumelana. Kuyishwa ngoba ekuqaleni bekubukeka sengathi uzosayina. 

“Kodwa kugcina ngokuthi singasatholani kokuthile. Okwamanje asinalutho etafuleni,” kusho uSimac kwabeSowetan.

Uyikhabe ngazo zombili ezokuthi lo mgadli ilimele ngendlela uyokuthi ngeke aphinde elulame ngokugcwele. 

“Ngiyazi ukuthi kuke kwaba nemibiko yokuthi uSamir unokulimala kabi kudala kodwa akulona iqiniso lokho. 

FUNDA NALA: USiphesihle Ndlovu uveza isizathu sokushiya kwiPirates

“Ululeme ngokugcwele futhi ukulungele ukuphinde adlale. Kuyishwa ukuthi amanye amaqembu abukeka enokungabaza ngokumnika inkontileka manje. 

“USamir ubelokhu esebenza ngokuzikhandla futhi ubelokhu eqhubeka nokujima noma engenaqembu.”