EzakamuvaIbhola

UBarker ukhuza uNtseki weChiefs ngokukhuluma ngomdlali wakhe

Ukukhuluma esidlangalaleni kukaMolefi Ntseki ngokuthi iKaizer Chiefs iyamhalela uSibongiseni “OX” Mthethwa akwehlanga kahle kuzakwabo weStellenbosch FC uSteve Barker. 

UNtseki uphawule ngeviki elidlule ebuzwa ngamahebezi okuthi bayamhalela lo mdlali wasesiswini weStellies. 

Uthe impela kunjalo. Kodwa manje uBarker uthi akukhombisi inhlonipho ukukhuluma ngomdlali welinye iqembu kanje ube ungumqeqeshi.  

“Njengoba ngingumqeqeshi nje, ngeke ngayenza into enjalo,” usho kanje uBarker kwabezindaba ngemuva komdlalo wezakhe neGolden Arrows. 

“Nami nginaso isifiso sokuthola abadlali abathile kwamanye amaqembu. Kodwa thina njengeStellenbosch uma sihalela umdlali welinye iqembu, sicela abaphathi ukuthi bakhulume nalo. 

“Yiyona ndlela esenza ngayo leyo. Kuyakhathaza uma kuphumela kwabezindaba ngoba umdlali oweStellenbosch, akuyona indlela yokwenza leyo.”

Uthe yena uma ezwa izindaba ezifana nalezi, akazifaki ekhanda ngoba kuyenzeka kugcine kungamahlebezi nje angapheleli ndawo. 

“Siyazi sonke ukuthi ungumdlali osezingeni elihle kodwa usesimweni esihle la kithi. 

“Uyazi ke uma unomdlali omuhle, newindi lisavuliwe kuzohlezi kunamahlebezi akhona. 

“Kodwa njengamanje kuyilokho nje – amahlebezi. Okungijabulisayo nje wukuthi usazinikele kithi futhi usadlala ngokuzimisela. 

Uthe yena ubengakatshelwa lutho ngokuthi kukhona iqembu eselike lafika lazocela ukuthengiselwa uMthethwa. 

FUNDA NALA: Ujabulele ukungadedeli goli oweRoyal AM bebambana neChiefs

Ngaphandle kweChiefs, ne-Orlando Pirates izibhekile kulo mdlali njengoba kuthiwa umqeqeshi wayo uyazifela ngaye.