EzakamuvaIbhola

AmaZulu asayine oweBucs, acacisa ngoHanamub 

AmaZulu FC asephothulile isivumelwano sokwengeza umdlali wasesiswini obedlala kwi-Orlando Pirates uBen Motshwari, esikwatini sayo.

UMotswari, oneminyaka engu-32, ujoyina Usuthu ngenkontileka yesizini eyodwa kodwa enombandela wokuyelula ekupheleni kwesizini.

Ngaphambi kwesizini edlule, uMotswari ubejwayele ukudlala kwiPirates futhi engomunye wezethenjwa zeqembu. 

Kodwa kubonakala sengathi akazange angene esitayeleni sikaJose Riveiro njengoba isikimu ebesizwa ngendaba kusukela kufikke lo mqeqeshi. 

Ngesizini edlule, iPirates ilande omunye umdlali wasesiswini onamava kuMaZulu, uMakhehleni Makhaula.

Ukwengezwa kukaSiphelo Baloni osemncane kule sizini kuphinde kwenza uMotswari wajikwa, wenziwa umdlali wasemuva kwesokudla kwiPirates.

Kodwa kubukeka sengathi leli qembu ligcine linqume ukumdedela ukuze kusizakale Usuthu obelubheke ukuqinisa iqembu. 

Umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, ukuqinisekisile ngokusemthethweni ukufika kukaMotshwari eqenjini lakhe.

UZungu uzwakalise ukumamukela ngemfudumalo uMotswari futhi wazwakalisa ukulethemba ikhono lakhe, ethi uzoba wusizo kmqeqeshi wabo uPablo Franco. 

“Siyamamukela uBen eqenjini futhi siyamethemba ukuthi uzozinza kahle futhi abe namagalelo amahle eqenjini likaPablo Franco,” kusho uZungu esitatimendeni esikhishwe yiqembu ngoMsombuluko.

UZungu uphinde wakhuluma ngamahlebezi akamuva mayelana nomdlali wasemuva kwesokunxele waseNamibia, u-Riaan Hanamub. 

Uwachithile la mahemuhemu njengangenasisekelo, wagcizelela ukuthi alikho iqembu elike lakhuluma nabo mayelana noHanamub.

I-Orlando Pirates kuthiwa inesifiso sokuhehela uHanamub osemnkantshubomvu eSoweto.

Futhi la makilabhu womabili anobudlelwano obuhle obakheke kule minyaka embalwa edlule. 

Bangaphezulu kwesithupha abadlali lamaqembu aseshintshane ngabo muva nje. 

FUNDA NALA: UMartin ujabulile ngokuwina koSuthu kodwa uncoma iCitizens

“Amahemuhemu ngoHanamub awanasisekelo. Akukho qembu eselike lafika kithi lizokhuluma ngaye. Akadayisi,” kusho uZungu.