EzakamuvaIbhola

UMartin ujabulile ngokuwina koSuthu kodwa uncoma iCitizens

Umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Martin, uhluleke nawukuzibamba yinjabulo ngesikhathi iqembu lakhe lihlula iCape Town City ngo 3-2 ngeSonto.

Lokhu kunqoba kwenzeke ngenxa yamagoli amabili ka-Junior Dion awashaye ngokushesha umdlalo ususesikhathini esengeziwe esiwombeni sesibili.

UMartin ubonakale ebungaza ngesasasa, waze wayogona iphini lakhe ekhombisa injabulo emangalisayo.

Ngemuva komdlalo, uMartin akazange angene ehlathini, kodwa uvumile ukuthi bewubasinda umdlalo futhi babe nenhlanhla ukuqunqoba.

Uvumile ukuthi iCape Town City beyifanelwe okungcono kunalo mphumela ewutholile kulo mdlalo ngenxa yokukhonya kwayo.

Nokho uncome ezakhe, Usuthu, ngokuqina nangokulwa okuholele ekutheni zinqobe.

“Sisekude nezinga engilifunayo. Bebengcono kakhulu kunathi – lokho yiqiniso elimsulwa,” kusho lomqeqeshi ngemuva komdlalo obuseMoses Mabhida Stadium.

Ugcizelele ukuthi yize benqobile kodwa ukholwa wukuthi iCity yenze kangcono, enanela okufanayo emidlalweni edlule lapho ebona sengathi iqembu lakhe lalifanelwe yimiphumela engcono.

Lokho kwenzeke emasontweni ambalwa edlule lapho AmaZulu ehlulwe khona yiKaizer Chiefs ngo 3-0. 

AmaZulu yiwo ayedlale kahle kulowo mdlalo kodwa awakwazanga ukuvimba Amakhosi ekuhlohleni amagoli amathathu, anqobe umdlalo, ahambe namaphuzu amathathu. 

“Ngiwunqobile umdlalo, kodwa ngikhuluma iqiniso. Kufana nangezinye izinsuku lapho sihlulwe khona, noma sadlala ngokulingana kodwa ngisale ngicabanga ukuthi besifanelwe okungcono.”

Ukukhuluma kukaMartin ngokungambambathi ngkusebenza kweqembu lakhe kubonisa ukuzibophezela kwakhe ekulithuthukiseni nasekuhlonipheni izimbangi zakhe, ngisho ngabe unqobile. 

“Namuhla ngibone ukuthi (iCity) beyifanelwe okungcono kakhulu. Kodwa ngalokhu angisho ukuthi abadlali bethu bebengakufanele ukuwina ngoba balwe kwaze kwaba sekugcineni futhi bawasebenzisile amathuba.

“Kodwa ngicabanga ukuthi njengamanje bayiqembu elingcono kakhulu kunathi. 

“Sekuphele iminyaka emibili besebenza ngamacebo abo futhi uyawubona umehluko walokho. 

FUNDA NALA: Ulethe umdlalo omusha iTripple 3 Soccer kuleli uDuduzani Zuma

“Kodwa ibhola linjalo ke ngezinye izikhathi – lidinga ukwazi ukubhekana nezimo ezinzima futhi uphume kuzo.”