EzakamuvaIbhola

Kufufusa omkhulu umbango ngo-Ox kwezaseSoweto

Ayikho efuna ukugoba uphondo ezinkunzini zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs embangweni wokusayina umdlali weStellenbosch FC uSibongiseni “Ox” Mthethwa. 

Njengoba kuvalwa iwindi lokudayiselana ngabadlali nje ngoLwesihlanu, enye yezinto ezibhekwe kakhulu wukuthi u-Ox uzophelelaphi. 

Nokho Impempe seyingakuveza ukuthi kungenzeka agcine ehlale kwiStellies ukuze kuvimbeke lo mbango ofufusayo njengamanje. 

Kuvela ukuthi iPirates seyenze konke futhi yaze yakhulula nenombolo ezogqokwa yilo mdlali uma esefika kuyo. 

Ukubolekiswa kukaBen Motswari kuMaZulu FC kuthiwa kwenzelwe ukuthi unombolo 6 ulindele uMthethwa. 

U-Ox uvele ugqoka le nombolo kwiStellies, kanti kuthiwa yiyona ayithandayo, futhi isikhulu seBucs, uNkosana Khoza uqinisekisile ukuthi uzoyithola uma efika.

“Sekukhala isicathulo sikaNkosana kwiPirates futhi uza kahle ngoba unesibindi sokuthatha izinqumo,” kusho umthombo. 

“Uma into eyifuna, uyasukuma ayilwele. Ufuna ukubuyisela iqembu ekubeni ngelisatshwayo ebholeni lakuleli. 

“Namanje nguye olwa le ndaba kaMthethwa futhi uzoyinqoba ngoba usekwenze konke okudingeka ngakuye.” 

NaseNaturena akumiwe, umsebenzi wokulanda uMthwthwa uyaqhubeka njengoba leli qembu selizimisele ukwengeza ngabadlali phezu kwemali elizoyikhokha. 

Ngokuthola kweMpempe, leli qembu lizofaka uSiyethemba Sithebe noHappy Mashiane emizamweni yokuthola lo mdlali. 

Phela ichithiwe ngesikhathi izama ukumlanda muva nje, iStellies ikhala ngokuthi ayisezukuba naso isikhathi sokuthola ezovala ngaye isikhala njengoba sekusondele ukuvalwa kwewindi. 

Akukhona ke okokuqala emlandweni lamaqembu ebanga umdlali futhi akuvamisile ukuthi kuphele kahle. 

FUNDA NALA: Ikhohlisana ihlomile kubaqeqeshi bakuleli, kusho uMiddendorp

Kubadlali abake babangwa ilamaqembu kukhona oSiphelele Mthembu, Arthur Zwane noLesley Manyathela ongasekho emhlabeni.