Eminye imidlaloEzakamuva

Isililo kushona umsakazi wezemidlalo woKhozi FM

Sikhulu isililo endimeni yezemidlalo kwaZulu-Natal kulandela ukushona komsakazi wezemidlalo emsakazweni kazwelonke Ukhozi FM, u-Irvin “DJ Amen” Sihlophe.

USihlophe, ongowokuzalwa ePort Shepston, ubambeke isikhashana njengoba kuvela ukuthi ushaywe yisifo sohlangothi ngempelasonto edlule. 

Ube esengeniswa esibhedlela kodwa kwasho khona ukuthi mhlawumbe isikhathi sakhe bese sifikile njengoba ngoLwesihlani ekuseni kuvele ezokuthi akasekho. 

Izindaba zokushona kukaSihlophe sikhishwe umphathi woKhozi FM uSbongi Ngcobo ohlelweni lwasekuseni. 

“Silapha nje size ngezindaba ezibuhlungu kakhulu zokumemezela ukuthi omunye wozakwethu u-Irvin Sihlophe usedlulile emhlabeni. 

“USihlophe uhlaselwe yisifo sohlangothi ngesonto eledlule wase engeniswa esibhedlela i-Addington, eThekwini nalapho eshonele khona izolo ebusuku,” usho uSbongi Ngcobo.

“Ngike ngafika kuye engakhombisi ukuthi ubambekile. Size sahleka ngimtshela ukuthi ngizomphathela idombolo. 

“Wangihleka, engibuza ukuthi ngiyakwazi yini ukulipheka. Ngimangale kakhulu manje ekuseni uma sengithola izindaba zokuthi udlulile emhlabeni.” 

USihlophe waqala endimeni yokusakaza kwiKwezi FM la azakhela khona igama wabe eseheha lo msakazo omkhulu ukuba umlande. 

Ushona nje uSihlophe ezemidlalo eKZN bezisesemanzini kulandela ukushona komdlali waMaZulu uBongi Ntuli ofihlwe kulo leli viki. 

Impempe idlulisa ukuzwelana kwayo nomndeni, abangani, abasakazi, abaphathi nabalaleli boKhozi FM ngalesi sikhathi esinzima.

FUNDA NALA: Okwenza uPhumlani Mkhize athiphe iPirates kwidabhi

Engathi lingalala ngokuthula iqhawe, liyibekile induku ebandla.