EzakamuvaIbhola

UNyirenda ucela isineke kwabeChiefs ngoChivaviro

Owayengumgadli weKaizer Chiefs, uWedson Nyirenda, unxenxa abalandeli ukuba bambekezelele umgadli osanda kusayiniswa uRanga Chivaviro.

UChivaviro ujoyine lezi zinkunzi zaseSoweto ephuma kwiMarumo Gallants edliwe yizembe kwiDStv Premiership ngesizini edlule. 

Lo mdlali owazalelwa eLimpopo ubeyingxenye ebalulekile yeqembu leGallants ngesizini ka-2022/23. 

UChivaviro, oneminyaka engu-30, ubengumshini wamagoli njengoba eyibhakuzise amahlandla ayishumi inethi emidlalweni yePremiership, wengeza ngamagoli ayisikhombisa kwiCaf Confederations Cup ngesizini edlule.

Nokho njengoba lo mgadli waseNingizimu Afrika edonsa kanzima selokhu efikile kwiChiefs, abanye abalandeli sebeqalile ukungabaza ikhono lakhe.

Yize kunjalo, uNyirenda owake waba ngumgadli kwiGlamour Boys, ukholwa wukuthi uChivaviro uzoya ngokuba ngcono njengoba isikhathi siqhubeka.

“Ngiyamazi uRanga, ubengumdlali wami kwiBaroka,” kusho le nsizwa edabuka eZambia esingumqeqeshi. 

“Ungumdlali onamandla futhi ohlakaniphile. Uyakwazi ukubamba ibhola ukuze avulele ozakwazo izikhala zokunyuka bezohlasela,” kusho uNyirenda kwabe-I Love Kaizer Chiefs.

“Kodwa kuya ngokuthi yibaphi abadlali abadlala eduze kwakhe. URanga angaba umgadli omuhle kwiKaizer Chiefs. 

“URanga angaba wusizo olukhulu uma eziphusha ukuze asheshe ajwayele isitayela seqembu.”

Njengoba naye adlala kwiChiefs, uNyirenda uyabazi ubunzima obhekana nabo uma ungumdlali omusha kuleli qembu.

“Ngibaqonda kahle abalandeli beKaizer Chiefs. Uyazi kwiChiefs asikho isikhathi sokuthi uqale ngefomu ephansi bese ulindele ukuthi uzookwamukelwa… 

“Kodwa ngiyamazi uRanga, uzojika izinto. Abalandeli kumele bambekezelele nje kancane ngoba angaba ngumdlali owusizo kakhulu eqenjini.”

FUNDA NALA: Kufufusa omkhulu umbango ngo-Ox kwezaseSoweto

UChivaviro, olimele njengamanje, usedlale imidlalo emine eqenjini likaMolefi Ntseki kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.