URiveiro usophe ukuvuka ngeDowns ngemuva kokubhacaza
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uvutha amalangabi futhi usejahe ukulungisa isimo eqenjini kulandela ukuhlulwa kwabo emdlalweni weCaf Champions League ngeSonto eledlule.
IPirates izobhekana neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu emdlalweni omqoka weDStv Premiership e-Orlando Stadium.
Emdlalweni wayo odlule, iPirates ihlulwe ngo 1-0 yiJwaneng Galaxy emlenzeni wokuqala emidlalweni yokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo kwiChampions League eGaborone.
Lokho kusho ukuthi mkhulu umsebenzi obahlalele emlenzeni wesibili ohlelelwe uSepthemba 29.
Kodwa njengamanje, bagxile kakhulu ekubhekaneni neSundowns abangafisa ukuyiqumba phansi ukuze bazifake embangweni wesicoco seligi.
“Lona omunye umdlalo obalulekile kithi kusaphele izinsuku ezintathu sisuka komunye.
“Kodwa yithuba lokuthi silungise amaphutha ethu,” kusho uRiveiro kuleli viki.
“Kufanele sikhohlwe ngokwenzeke emdlalweni odlule sigxile kulokho okumele sikwenze kahle emdlalweni olandelayo.
“Lona umdlalo okufanele senze isiqiniseko sokuthi siyabajabulisa abalandeli bethu kuwo.
“Abadlali baphoxekile ngomphumela womdlalo odlule. Manje sebefuna ukulungisa izinto kanti umdlalo weSundowns usinika ithuba lokwenza lokho.”
ISundowns inqobe ngo 4-0 ishaya iBumamuru yaseBurundi emlenzeni wokuqala wokuhlunga kwiChampions League ngoLwesihlanu olwedlule.
Ngaphezu kwalokho, abafana bakaRulani Mokwena bavutha bengabaselwe, futhi basayiwine yonke imidlalo eyisithupha kwiPremiership.
URiveiro wazi kahle ukuthi iqembu lakhe kumele likhuphule izinga ukuze likwazi ukuthola umphumela kulo mdlalo.
“Kufanele sibe sezingeni eliphezulu futhi kufanele siwine sidlale kahle kukho konke enkundleni.
“Kuzoba wumdlalo onzima, siyakwazi lokho. Kodwa siyakwazi ukuthola umphumela omuhle,” kwengeza lo mqeqeshi.
IPirates izimisele ngokulwela ukunqoba isicoco seligi kule sizini. Ukunqoba kuMasandawana kuzothumela umyalezo ocacile ngezinhloso zayo.
Ngesizini edlule, iqembu likaJose Riveiro linqobe ngendlela encomekayo kwiSundowns ngo 3-0 endleleni yalo yokuyonqoba iMTN8.
FUNDA NALA: Kubonakale ubuso obusha ejimini yeChiefs ngoLwesibili
Nokho-ke okubalulekile ukuthi iSundowns ikwazile ukushaya iPirates kuyona yomibili imidlalo yeligi ngesizini edlule, inqoba ngo 2-0 eTshwane yaphinde yanqoba ngo 1-0 ekuhambeni.