UHugo Broos useswele indlela yokushiya kwiBafana
Sekuvele ukuthi iBafana Bafana ingase ilahlekelwe umqeqeshi wayo uHugo Broos njengoba esehehe amehlo ezinkunzi zase-Afrika.
Imibiko yakamuva ithi lo mqeqeshi waseBelgium uzojoyina iqembu lesizwe laseTunisia.
Lokhu kuyamangaza kodwa akuthusi uma ulandela izindaba ngalo mqeqeshi kusukela kuqale unyaka.
Umsakazo ohamba phambili eTunisia ubike ukuthi lo mqeqeshi weBafana usevumile ukujoyina iCarthage Eagles.
Umbiko uphinde uthi uHugo Broos uzama ukuthola indlela efanele yokuqinisekisa ukuphuma kwakhe kwiBafana.
“I-Mosaïque FM ithole ukuthi u-Hugo Broos usevumelene ne-Federal Office nokuthi izinhlangothi zombili seziqala ukuzwana ezingxoxweni futhi sekusondele bavumelane,” kubika lesi siteshi.
“Inkinga wukuthi lo mqeqeshi waseBelgium kumele aqale athole indlela yokunqamula inkontileka yakhe neSouth African Football Association (Safa), kwazise usengumqeqeshi weBafana Bafana.
“Noma kunjalo ngokwemithombo ye-Mosaïque FM, uHugo Broos unakho konke okudingeka kumqeqeshi olandelayo weTunisia.
“Unakho konke ikudingwa yimibandela yokuqala ebekwe umqondisi wezokuqeqesha kwiTunisia Football Federation, uBelgacem Malouche, ekukhetheni umqeqeshi omusha weCarthage Eagles.
“Futhi uma nje sekuphothuliwe imicikilisho yokunqamula inkontileka yakhe neSafa, uHugo Broos uzoqala ngokushesha umsebenzi wakhe wokuba umqeqeshi weqembu lesizwe laseTunisia.”
Kuvela nokuthi kukhona abasethimbeni lakhe kwiBafana angase ahambe nabo ukuya kwiTunisia.
“Uzosekelwa emsebenzini wakhe omusha, uzozikhethela amaphini akhe kulabo aseke wasebenza nabo phambilini.”
FUNDA NALA: UMemela uveza okwenza walaxaza iPirates esayithanda
UBroos kumanje use-Algeria neBafana la bezozwana khona amandla neqembu lakhona lesizwe eNelson Mandela Stadium ngoLwesibili.

