Kubonakale ubuso obusha ejimini yeChiefs ngoLwesibili
ULuke Fleurs ubonakale kwiKaizer Chiefs njengoba kukholakala wukuthi leli qembu liyamhlola lo mdlali ngenhloso yokumsayina uma leneliseka ngaye.
UFleurs, oneminyaka engu-23, uke waba sohlwini lwabadlali abebefunwa uthuli yiChiefs ngoJanuwari.
Nokho ngaleso sikhathi uStan Matthews, oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport United, wanqaba ukumdedela lo mdlali.
Leli qembu limsayinise inkontileka yokwelula lo mdlali kodwa kubukeka esephelelwe yindawo manje kulandela ukufika kukaSiyanda Xulu nokunyuselwa eqenjini elikhulu kuka-Ime Okon.
Njengoba uFleurs engakadlali ngaphansi kukaGavin Hunt kule sizini, ube esevumeleana neSuperSport ukuthi kuhlukanwe.
Lo mdlali wasemuva ubonakale ejimini yeChiefs eNaturena ngoLwesibili. Uvele ezithombeni zaleli qembu egqoke unombolo 28 ezilolonga.
IChiefs ngeke ke itatazele ngokusayina lo mdlali ngoba isangambhalisa noma sekuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoLwesihlanu.
Kuvela ukuthi uma leli qembu laseNaturena licucuza, uFleurs ngeke aliswele iqembu elizomsayina ngoba maningi amcuthele.
FUNDA NALA: Uphindwe okwamenza kwiChiefs wavele waduba uMiddendorp eTanzania
UFleurs udlale imidlalo engaphezu kuka-70 kuMatsatsantsa, washaya amagoli amabili, kusukela ejoyine leli qembu esuka kwi-Ubuntu FC ngoJulayi 2018.