Sirino: Alicaci ikusasa kwiSundowns, iPirates icuthile
Ikusasa likaGaston Sirino alicaci yize sekuseduze kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali kwiPSL.
Iwindi livalwa ngoLwesihlanu. Lo mdlali odabuka e-Uruguay akasahlalisekile kwiMamelodi Sundowns futhi akubonakali esazophinde adlale kuyo.
Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena, uthe sekuyindaba ayishiyele abaphathi beqembu ukuthatha isinqumo ngekusasa lakhe.
Uzakwabo kaGaston Sirino u-Erwin Saavreda naye kungenzeka ukuthi angaphinde abuye njengoba iSundowns yamthumela ekhaya ukuthi ayolulamela khona.
“Ngingathanda ukukushiyela abaphathi beqembu lokho,” usho kanje uMokwena uma ebuzwa ngalaba badlali.
“Leli yisonto engifuna ukugxila ebholeni kuphela nokuthi kwenzekani ngamalungiselelo, amaqhinga nokulungisa lokho.
“Ngizobe ngiqamba amanga kuwe uma ngithi nginolwazi olusha mayelana noGaston (Sirino) noSaavreda.
“Engikwaziyo ukuthi yena (u-Saavreda) useBolivia futhi ngibe nengxoxo emnandi ngevidiyo naye.
“Bekuyingxoxo engahlangene neqembu, usefana nomfowethu ngakho sikhuluma nangoma yini naye okunye engingeke ngikuveze lapha.”
Kusanda kuvela ukuthi i-Orlando Pirates seyike yakuveza kwiSundowns ukuthi ingamamukela uSirino uma yona ingasamdingi.
Lo mdlali wazicelela yena ukuthi usefisa ukuyodlala kwenye indawo ngakho uma kufika abazocela ukumthenga ucela iSundowns ibamukele.
Kungenzeka ke iSundowns inqume ukuvele imkhulule uGaston Sirino uma kuze kuvalwa iwindi engathengwanga.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-36 uphinde waveza ukuthi akeneme ngewindi lokudayiselana ngabadlali, elinwetshwe ekupheleni kuka-Agasti laze laphela ngoSepthemba 22.
Njengoba umgadli uPeter Shalulile esebuyile ekulimaleni, kusazocaca ukuthi iSundowns izoqhubekela phambili yini nokufuna uKhanyisa Mayo weCape Town City.
“Isidingo sidalwe wukulimala ezikhundleni ebesinazo phambili,” kusho uMokwena.
FUNDA NALA: Ucikwa umphathi weSpurs omqhatha nenduku uBartlett
“Lezo zingxoxo beziphakanyisiwe kodwa ngithanda ukuzishiya lapho. Sizobona ukuthi iwindi lilethani kusasa.”