‘Khulumani nathi,’ kunxusa uJessica weChiefs kubalandeli
UJessica Motang ucela abalandeli beKaizer Chiefs ukuthi bakhulume ngendlela eyakhayo ngezinto ezibakhathazayo ngokudlala kweqembu nangemiphumela.
Ugcizelela ukubaluleka kokuxoxisana ngokuvulelekile neqembu kunokuphendukela ekuziphatheni okunobudlova noma okungahambisani nezinseko zezemidlalo.
Lesi sicelo uJessica usenze ngemuva kwesigameko lapho abalandeli beChiefs bevuke umbhejazane bajikijela umqeqeshi uMolefi Ntseki ngezinto ezithize.
Bebethi akehle esikhundleni kulandela ukushaywa yiSuperSport United ngo 1-0 ngoLwesithathu kusihlwa.
Lesi siqephu sakamuva sodlame lwabalandeli senzeke ePeter Mokaba Stadium ePolokwane kanti silandela eduze esenzeke emavikini ambalwa edlule eMbombela Stadium, eNelspruit.
Ezwakalisa ukuphoxeka kwakhe ngoLwesine, uJessica uthe, “Sidumele kakhulu ngokwenziwe kubalandeli izolo.
“Kuyadumaza kakhulu, futhi thina njengeqembu siyalugxeka udlame. Leli qembu alihambisani nodlame.”
Phezu kwemizamo yeqembu, okuhlanganisa nokusayinisa abadlali abasha nokuvuselela isitayela sokudlala kweqembu, izigameko ezifuze lezi zisaqhubeka nokulimaza inqubekela phambili yalo.
UJessica ugcizelele isidingo sobumbano, wathi, “Sekuyisikhathi sokuthi sithi kubalandeli bethu sekuyisikhathi sokubambana, sisekane.
“Kudingeka sime neqembu futhi sisebenzisane ukuze sifeze izinhloso zethu.”
Unxuse abalandeli ukuthi badlulise ukukhathazeka kwabo ngendlela eyakhayo.
“Nakuba singase sithukuthele futhi singaziqondi izimo ezithile, kudingeka sihlale phansi, sibambisane.
“Sibheke kubalandeli bethu ukuthi basekele iqembu lethu, ikakhulukazi uma libheke empini.”
IChiefs izobheka neMamelodi Sundowns emdlalweni olandelayo, kanti uJessica ubheke ukuthi abalandeli baseke iqembu noma ngabe umphumela uthini.
“Noma ngabe umphumela unjani, sifuna ukubona abalandeli bethu bethi eqenjini, ‘sinayiseka noma kunjani’.
“Sifuna baseke umqeqeshi, baseke abadlali ukuthi benze umsebenzi wabo ngokukhululeka.”
IChiefs izobhekana neSundowns emdlalweni olandelayo ozokhipha iqembu elizodlulela kowamanqamu kwiMTN8.
Umlenze wokuqala walo mdlalo owandulela owamanqamu waphela zibambene ngo 1-1 eFNB Stadium.
FUNDA NALA: Sirino: Alicaci ikusasa kwiSundowns, iPirates icuthile
Umdlalo ozocacisa ukuthi ngubani phakathi kwala maqembu ozodlulela kowamanqamu uzokuba ngoMgqibelo eLucas Moripe Stadium.