EzakamuvaI-Africa Cup of Nations

‘Besiyiqembu elingcono (kuneCameroon)’ kusho oweBafana

SIHLE NGUBO

Umgadli weBafana Bafana, uLyle Foster, ukholwa ukuthi bekumele banqobe ngesikhathi bebhekene neCameroon emidlalweni weLast 16 ye-Africa Cup of Nations (AFCON) ngeSonto.

Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika liwashe ijezi kulo mqhudelwano kulandela ukushaywa yiLions ngo 2-1 kulo mdlalo.

IBafana Bafana yakhe inqwaba namathuba okushaya amagoli ngesiwombe sokuqala kodwa yehluleka ukuwasebenzisa.

Kunalokho kugcine kuyiCameroon ehambe phambili ngo 2-0 nokwenze kwaba nzima kakhulu ukuya kwiBafana Bafana.

UFoster, ogijima kwiBurnley yase-England, unxenxe ozakwabo kwiBafana Bafana ukuthi bavuke bazithathe ngemuva kokuphuma kwi-AFCON.

“Kunzima ukwamukela ngoba sibe nawo amathuba ebesingawabeka phakathi kodwa sangaba nenhlanhla,” kusho uFoster kwiSABC Sport.

“Bekumele sihambe phambili ngokushesha futhi indlela umdlalo ohambe ngayo ngemuva lwakho ayibanga yinhle. Kuzomele sizame ukuqala kabusha manje.”

IBafana Bafana ayibanga ne-AFCON enhle uma kubhekwa ukuthi yenze kangcono kakhulu kulo mqhudelwano nyakenye, lapho iqede khona endaweni yesithathu.

“Siwuqale kahle umdlalo, sabamangaza ngendlela ebesenza ngayo, futhi uma kukhulunywa iqiniso besiyiqembu elingcono,” kusho uFoster.

“Akuwona umphumela ebesiwudinga lo, wonke umuntu uphoxekile kakhulu. Kumele setshise lokhu njengeqembu sibuye sesinamandla ngoMashi nangoJuni ngeNdebe yoMhlaba.”

IBafana Bafana yenza kahle ngaphansi kukaHugo Broos waseBelgium, futhi kulindeleke ukuthi lo mqeqeshi ahole iqembu kwiNdebe yoMhlaba.

UBroos usevele ushilo ukuthi uzoshiya ngemuva kweNdebe yoMhlaba nokuchaza ukuthi iSouth African Football Association (Safa) kumele ithole umqeqeshi omusha ngemuva kukaJulayi ngonyaka ozayo.

Imidlalo ye-AFCON iyaqhubeka njengoba iNigeria ibhaxabule iMozambique ngo 4-0, kwathi i-Egypt yashaya iBenin ngo 3-1 ngoMsombuluko.

NgoLwesibili kuzotholana phezulu i-Algeria neDR Congo, ngo-6 ntambama, bese i-Ivory Coast neBurkina Faso bahlangane ngo-8 ebusuku.