UHunt uzwelana noNtseki ngosizi abhekene nalo kwiChiefs
Umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, useveze ukuzwelana kwakhe nozakwabo weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, ophinde wakhishwa enkundleni sekukubi ngoLwesithathu kusihlwa.
Ngemuva kokwehlulwa yiSuperSport ngo 1-0 eNew Peter Mokaba Stadium, iqeqebana labalandeli baMakhosi ebelidinwe yilo mphumela, lijikijele lo mqeqeshi lithi akahambe manje.
Imenenja yeChiefs, uBobby Motaung kudingeke ukuthi ingenelele ukuzama ukudambisa isimo njengoba isimo besiphuma esandleni.
Kodwa kube nhlanga zimuka nomoya njengoba kwayena egcine esethukwa nje.
UHunt uphawulile ngalokhu okwenzekile, okudunge injabulo yabo kulandela ukunqoba ngegoli likaTerrence Dzvukamanja.
“Ngike ngaba sesimweni esifanayo (phambili) ngike ngaba kuso (kwiMoroka) Swallows la ngaphuma enkundleni sengifihlwe ebhuthini yemoto,” kusho uHunt.
“Akukona okwami ukuphawula, kodwa akuyona indlela efanele yokuveza ukungenami lena. Kudingeka siziqonde kangconywana izimo.
“Mhlawumbe banqobe nje ngoMgqibelo bese kwenzekani (ngabalandeli abalwayo)?
“Ngeke wazi ebholeni, kodwa ngicabanga ukuthi lezi zinto singazilungisa ngezinye izindlela. Kuyadabukisa lokhu, kudabukisa kakhulu.”
Leli qembu laseNaturena lizobhekana neqembu elingakahlulwa kule sizini iMamelodi Sundowns emlenzeni wesibili emdlalweni eyandulela owamanqamu kwiMTN8.
Umdlalo womlenze wokuqala waphela zibambene ngo 1-1 emavikini amabili edlule.
Leli qembu lisengcupheni yokuphinde lijeziswe yiPSL ngemuva kokutholwa linecala elifuze leli ngenyanga edlule.
FUNDA NALA: UMotaung Junior ubonge iStellies ngokubadedela uMthethwa
“IKaizer Chiefs ihlawuliswe imali engu-R100 000, u-R30 000 wayo uyalengiswa izinyanga ezingu-24 ngombandela wokuthi ingatholakali inecala elifanayo,” washo kanje umshushisi wePSL uZola Majavu.