UMotaung Junior ubonge iStellies ngokubadedela uMthethwa
Njengoba sekusele izinsuku ezimbili kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali kwiPremier Soccer League, iKaizer Chiefs isiqinisekise ukuthi isisayinise uSibongiseni Mthethwa osuka kwiStellenbosch FC.
Lo mdlali owaziwa ngelika-Ox, oneminyaka engu-29 uzibophezele kwinkontileka yeminyaka emithathu neKaizer Chiefs.
Izomgcina eNaturena kuze kube uJuni ka-2026. Ngaphambi kokuthi adlale kwiStellenbosch, uMthethwa udlale kwiRoyal Eagles neBlack Leopards.
Ube nesizini enhle ngonyaka odlule, wadlala imidlalo engu-29 kwiStellenbosch, waheha inqwaba yamehlo.
Ngaphezu kwalokho, udlale okokuqala eqenjini lesizwe laseNingizimu Afrika, iBafana Bafana ngoSepthemba 2022.
Lokhu kusayinisa akungabazeki ukuthi kuyisinyathelo esibalulekile kwiChiefs njengoba iqinisa isikwati sayo ukuze ikwazi ukuncintisana namanye amaqembu kule sizini.
Ukufika kuka-Ox sekuvele kuthakaselwe ngabalandeli beChiefs futhi akungabazeki ukuthi bakubheke ngabomvu ukumbona enza izinto zakhe enkundleni.
Emukela leli lungu elisha leqembu, umqondisi weChiefs uKaizer Motaung Junior uthe amava akhe abahehile.
“Simamukela ngezandla ezimhlophe uSibongiseni Mthethwa eqenjini, siyazi ukuthi ungumdlali omuhle onesipiliyoni esihle.
“Sikholwa wukuthi uzofaka igeja phansi zisuka nje,” kusho uMotaung Jr. esitatimendeni esithunyelwe yiqembu ngoLwesine.
“…Njengoba sazi kahle ukuthi yini elindeleke kubo bonke abadlali abagqoka ijezi laMakhosi, sibheke ngabomvu ukumbona enza kahle kumasizini azayo.”
Uphinde wabonga iqembu lakudala likaMthethwa, iStellenbosch FC ngokudayiselana nokusebenzisana okuhle.
“Sithanda futhi ukubonga iStellenbosch ngokuziphatha ngendlela efanele ngesikhathi sezingxoxo zethu.
“Futhi sibheke ngabomvu ukuqhubeka nokusebenzisana kwethu okahle.”
UMthethwa, wasendaweni yasemakhaya eMvundlweni eMtshezi, KwaZulu-Natal, ubesohlwini lwabafunwa uthuli kwi-Orlando Pirates.
UMthethwa ungumdlali wasesiswini wesimanje okhululekile ebholeni, futhi wenza kahle noma kumakwa.
FUNDA NALA: Babhodlele kuNtseki abalandeli beChiefs ishaywa yiSuperSport
Uyakwazi nokukhipha iphasi enhle eya phambili uma eselitholile ibhola. Uzoqala ukujima neChiefs ngoMsombuluko.