EzakamuvaIbhola

Ishayiwe impela iPirates, kodwa kukhona okuhle okuvelile

Ukushaywa kwe-Orlando Pirates uma ibhekene neMamelodi Sundowns emidlalweni yeDStv Premiership sekuyinto engathusi. 

Vele iSundowns seyazitholela umtapo wamaphuzu kwiBucs – isiyishaye izikhawu eziyisikhombisa kulandelalana emidlalweni yeligi. 

Ikuphindileke nangoLwesithathu lokho yize indlela okwenzeke ngayo ingabagculisana abaningi okubalwa kubo ngisho os’duma ngabanye ababonwa uReggie “Mapensela” Ndlovu.

Ukukhala ke kodwa vele yinto yakhona ebholeni. Impempe ibheka izinto ezihle, noma ezithembisayo ezenziwe yiPirates kulo mdlalo. 

  • Okokuqala: Ukudlala kahle kukaSiphelo Baloni obeqala umdlalo wakhe wokuqala kwiligi. 

Lo mfana oneminyaka engu-23 usayinwe yiPirates kwi-All Stars kungalindele muntu ekupheleni kwesizini edlule. 

Uqale umdlalo wakhe wokuqala ngesikhathi iBucs ibhekene neJwaneng Galaxy kwiCaf Champions League eBotswana. 

NakoweSundowns umqeqeshi uJose Riveiro uphinde wamgaxa. Kubonakalile umdlalo usaqala ukuthi inkonyane isathuka isisinga. 

Kodwa umdlalo uphele esebeonakala ukuthi ibhola uyalazi lo mfana oneminyaka engu-23 futhi kukude lapho ebheke khona. 

  • Okwesibili: Ukungena kukaKarim Kimvuidi adlale ibhola elihle, asize iqembu likwazi ukuhlasela ngendlela ehlukile. 

UKimvuidi akafani nabanye abadlali bePirates abasebenzisa umjiko nejubane.

Yena usebenzisa umjiko, kodwa akasheshi kakhulu, akatatazeli ajahe ukuya ukuya phambili noma kungavumi. Uzama ukuzivula kahle izikhala kuqala. 

Naye ubedlala okokuqala kusukela efikile eqenjini esuka kwiMaritzburg United athengwe kuyo ngoJulayi.

Njengakuzo zonke ke izimo, akukho soka lingenasici kanti okungekuhle esikuqaphelile kwiPirates wuvalo eba nalo uma ibhekene neSundowns. 

Abadlali bayo abavamise ukuzijikela kalula, bazidlulele kalula nje ezimbangini oPatrick Maswanganyi noRelebohile Mofokeng bavele babhajwa. 

Imizamo yabo beyiphetha ngokuthi balahle ibhola bese kuqhatheka iqembu. 

Nokucasuka njalo uma kunesinqumo sikanompempe esingahambelani nabo kubaphazamisile abePirates. 

FUNDA NALA: UHunt uzwelana noNtseki ngosizi abhekene nalo kwiChiefs

Baze badlala kahle sekubuywa ekhefini uRiveiro eseke waxoxa nabo ebetshela ukuthi behlise imimoya njengaye.