UBaloyi uyalela iChiefs unozinti weDowns ongayitakula
Njengoba kungacaci ngekusasa lika-Itumeleng Khune kwiKaizer Chiefs, leli qembu libukeka lixega kule ndawo ebivamise ukuqina kunazo zonke phambilini.
Kumanje leli qembu alinaye unozinti abalandeli abakhululekayo uma esezintini njengoba bonke benokwenza amaphutha ngobudedengu.
Isizini iqale kuvimba uBrandon Petersen, kodwa ukwenza amaphutha imidlalo ilandelana kwenze wagcina ebuyiselwa ebhentshini.
Kube sekubuyela uBruce Bvuma epalini, kodwa naye akakazibeki njengonozinti okungathenjelwa kuye.
Manje uBrian Baloyi – owayengunozinti ongaconsi kubalandeli baleli qembu laseNaturena – ubona kumele kuqiniswe kule ndawo ngesizini edlule.
“Sino-Itumeleng Khune, kodwa asazi ukuthi kuzokwenzekani ngaye,” kusho uBaloyi kwiFARPost.
“Ngakho udinga u(Denis) Onyango onesipiliyoni esikhulu, futhi usangakunika amasizini amabili noma amathathu.”
U-Onyango – oneminyaka engu-38 – usekhulile futhi kubhekwe ukuthi awabeke ethala amagilavu akhe kungekudala.
Kodwa uBaloyi ukholwa wukuthi ukhona umsoco iChiefs esangawuthola kulo nozinti odabuka e-Uganda.
“Kungenzeka ngendlela efanayo naleyo u-Arthur Baartman enza ngayo – sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula.
“Wafika wenza kahle njengoba aphusha uKhune waze wagcina esedlala njalo.
“Uyamdinga umuntu onjalo, ozongena azophusha laba badlali abasebancane ukuze baphakamise izinga labo.
FUNDA NALA: UMuller ukhala ngehlazo elenziwe unompempe beshaywa yiMadrid
“Uma iKaizer Chiefs ifuna ukusayinisa unozinti manje, mina bengingathi ayisayinise u-Onyango.”