UMokoena ucacisa eyokuqinisa unyawo kweDonws kwabePirates
Umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uTebogo Mokoena ukuvumile ukuthi bebeluqinisa uunyawo ngesikhathi bebhekene ne-Orlando Pirates ngoLwesithathu.
Abadlali beSundowns bebewatitiliza amakhadi abomvu kulo mdlalo weDStv Premiership obuse-Orlando Stadium.
Empeleni nje kwaba yinhlanhla ukuthi iqede lo mdlalo isaphelele njengoba kunabadlali bayo ababili abasindela ukucucuza kunanompempe ekutheni bengatholi amakhadi abomvu.
USipho Mbule wakhahlela uPaseka Mako ekhanda ekubeni esevele enekhadi eliphuzi kodwa unompempe wagcina ngokumkhuza nokumxwayisa.
Unozinti weSundowns, uRonwen Willliams naye waphuma epalini lakhe wayodlalisa kabi uZakhele Lepasa.
Njengoba uLepasa ayezobhekana nepali elingasenamuntu ukube wadlula kuWilliams, lo nozinti wakumele akhishwe ngekhadi elibomvu.
Kodwa unompempe wamzwela, wamnika eliphuzi. Ekhuluma ngemuva komdlalo, uMokoena wakuveza ukuthi bebekuhlosile ukuqinisa unyawo.
“Bekumele (siqinise unyawo). Silungiselela iChampions League la sizodlala khona imidlalo yalolu hlobo,” washo kanje lo mdlali owaqokwa njengobevelele kulo mdlalo.
Ngaphambi kwalokho, uMokoena wancoma nabalandeli bePirates ngokweseka kwabo iqembu noma selihlulwa.
Abalandeli bePirates babelokhu beculile nima umdlalo usuphelile yize iqembu labo lagcina liguqe ngo 1-0.
“Ngifuna ukuqala ngokubongela i-Orlando Pirates ngabalandeli bayo, nebhola elidlalile namuhla,” kusho uMokoena.
“Ngifisa ngathi singadlala yonke imidlalo kunjena (kugcwele abalandeli). Kube wumdlalo omuhle futhi wonke umuntu uwujabulele.
“Akekho opake ibhasi, bezihubhana nje udede ngakho siwujabulele kakhulu lo mdlalo,” kuqhuba yena.
ISundowns inomunye umdlalo osindayo ngoMgqibelo njengoba izohubhana neKaizer Chiefs kwiMTN8.
FUNDA NALA: IChiefs iqashe uJohnson ‘onamava’ ngabe lokhu kusho…
Bazobe bebanga ukungena kowamanqamu kulo mqhudelwano. Umdlalo womlenze wokuqala waphela zibambene ngo 1-1.