EzakamuvaIbhola

IChiefs iqashe uJohnson ‘onamava’ ngabe lokhu kusho… 

Ukuqashwa kukaCavin Johnson ongumqeqeshi onamava kwiKaizer Chiefs yinto eyenzeke abaningi bengayilindele ngoLwesihlanu. 

Ngesikhathi kunexhala nesasasa ngokuvalwa kwewindi lokudayiselana nagabadlali kwiPSL, iChiefs imemezele ukuthi seyiqashe lo mqeqeshi. 

Abalandeli abaningi bebelindele amaqembu abo amemezele abadlali abathenge ngosuku lokugcina. 

Kodwa iChiefs isayine lo mqeqeshi oseke wasebenza emaqenjini ehlukene kuleli ukuzophatha izinkulisa zeqembu. 

UJohnson useke wasebenza kwiPlatinum Stars, SuperSport United, Black Leopards naMaZulu kuleli. 

Usebenzile nakwi-Al Ahly yase-Egypt eyiphini likaPitso Mosimane kodwa wabuye washiya, wabuyela kuleli. 

Uhlale iminyakana impela engaqashwa ndawo njengoba esevumbuka eNaturena kungazelele muntu nje. 

Uthathe umsebenzi obuwenziwa uMolefi Ntseki kule minyaka emithathu edlule – wokubhekelela ukuthuthukiswa kwentsha nokuhlwaya ikhono. 

Ukuqashwa kwakhe kwenzeke kusaphele izinsuku ezimbili umqeqeshi weqembu elikhulu, uMolefi Ntseki ebhekane nolaka lwabalandeli. 

Iqeqebana labalandeli beChiefs livuke umbhejazane lamjiikijela, limthuka lithi akahambe manje uNtseki. 

Lokhu bekulandela ukuthi iChiefs iguqiswe yiSuperSport United ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngoLwesithathu.

Ukuqashwa kwakhe kususe izinkulumo zokuthi iChiefs icuthisa ngaye ukuthi uma izinto zigcina ngokungahlangani kuNtseki, kungene yena. 

“Sijabule ukuletha umqeqeshi uCavin,” kusho isikhulu seChiefs uKaizer Motaung Junior ngalesi sinyathelo sakamuva seqembu. 

“Ufika nenqwaba yolwazi oluzoqinisa inkulisa yethu nohlelo lwethu lokuhlwaya ithalente ukuze kuthuthuke iqembu. 

“Inhloso wukuqinisekisa ukuthi indlela yeqembu yokudlala iyafana kuwo wonke amazinga eqembu. 

“Sikholwa wukuthi umqeqeshi uCavin unakho konke okudingekayo ukusibhekisa la sifuna ukuya khona,” kuchaza uMotaung Jr. 

FUNDA NALA: UMokwena uyiqaqile, wayihlakaza, wabuye wayibuyisela iChiefs

Uma esewuchaza lo msebenzi kaJohnson, kucacile ukuthi ungena emsebenzini obewenziwa uNtseki kule minyaka emithathu edlule ngaphambi kokunyukela kowokuqeqesha.