UMokwena uyiqaqile, wayihlakaza, wabuye wayibuyisela iChiefs
Useyibukisise kahle iKaizer Chiefs umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena futhi uyazi kahle.
UMokwena uyiqaqile, wayihlakaza qede wayibuyisela futhi iChiefs ngesikhathi ekhuluma ngaphambi komdlalo walamaqembu.
Lezi zinkunzi zebhola eNingizimu Afrika zizokhiphana inkani emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 ngoMgqibelo ntambama.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu futhi namathikithi awo asedayise aphela. Uzoba seLucas Moripe Stadium ngo-3 ntambama.
“Ngiwubukile umdlalo wayo kade ibhekene neRoyal AM, ngiwubukile umdlalo wabo bebhekene neSuperSport United.
“Ngibone iqembu elihluke kakhulu kuleli esasidalal nalo eFNB Stadium,” kusho lo uMokwena.
Umdlalo womlenze wokuqala emavikini amathathu edlule waphela zibambene ngo 1-1. Lokhu kubeka iSundowns endaweni engcono.
“Bayiqembu elithanda ukugoba amabhola liwafake ebhokisini ngoba uma ubheka abagadli babo, ngaphandle kuka(Ashley) Du Preez ngabafana abaqatha.
“Banabagadli abaqatha ngomzimba, ngisho nomgadli wabo omusha (uJassond) uGonzalez ungumfana onomzimba.
“Ngakho ke uma kunalo uyazama ukusebenzisa amandla abo ngokuthi uthumele amabhola ebhokisini.
“Balithumela okungenani izikhawu ezingu-11 ibhola ebhokisini emdlalweni ngamunye.
UMokwena uthi bakulungele konke lokhu, futhi uyacabanga ukuthi neChiefs seyibahlaziyile.
“Impela bayiqembu elihle kakhulu elinabadlali abahle futhi kumele sibalungele ngokuphelele.
“Kodwa nabo ngiyacabanga bazosho okufanayo ngeSundowns. Ngicabanga ukuthi bazothi ‘siyiqembu elihle’ okumele bazilungiselele kahle ukubhekana nalo.”
Njengoba inegoli lasekuhambeni kule midlalo, iSundowns idinga ukudlala ngokulingana kungabi nagoli neChiefs ukuze idlulele kowamanqamu.
IChiefs yona kumele iqinisekile ukuthi iyalithola igoli ukuba sethubeni lokungena kowamanqamu, izibeke ethubeni lokudla isicoco.
FUNDA NALA: Ithemba ngenkundla yasekhaya kwiRichards Bay
Ukunqoba isicoco yinto iChiefs eyidinga kakhulu njengoba sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye nje ingasayazi indebe.