EzakamuvaIbhola

URelebohile Mofokeng uzovulela abanye kwelikhulu kwiBucs

Umqeqeshi weqembu lenkulisa le-Orlando Pirates, uJoseph Makhanya wethemba ukuthi ukukhushulelwa eqenjini elikhulu kukaRelebohile Mofokeng kuzogqugquzela abanye abadlali abancane ukuthi benze kahle kwiDStv Diski Challenge (DDC) kule sizini.

UMofokeng udonse amehlo abaningi eqenjini elikhulu ngekhono lakhe, ijubane nendlela asheshe ngayo ukujwayela eqenjini elikhulu. 

Usedlale imidlalo eyisikhombisa kuyona yonke imiqhudelwano. Ngesikhathi AmaBhakabhaka aqale umkhankaso wawo kwi-DDC ngokubambana ngo 1-1 neKaizer Chiefs eSolomon Mahlangu Stadium, eMpumalanga ngeSonto. 

UMakhanya uthe uhlelo asebenzela phezu kwalo wukuzama ukusiza abadlali ukuthi bakhushulelwe eqenjini elikhulu. 

Uthi kungenzeka ukuthi uRelebohile Mofokeng usevulele abanye amasango ngendlela enza ngayo eqenjini elikhulu.

“Sihlale sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi kukhona omunye uRelebohile Mofokeng oqhamuka eqenjini lethu… 

“Yingakho ukubona laba bafana bedlala eqenjini elikhulu kugqugquzela inqwaba yabadlali abasebancane,” kusho uMakhanya kwabeSowetan. 

“Njengoba umqeqeshi wethu (weqembu elikhulu, uJose Riveiro) emethemba uMofokeng futhi eqala ngaye imidlalo, lokho kuyinto enhle futhi ikutshela ngokuthuthuka kwalo mdlali.

“Ngakho, abadlali kumele bagqugquzeleke ukwenza kahle futhi kuyabakhuthaza ngoba uRelebohile Mofokeng wenza kahle kwelikhulu.”

UMakhanya uthi ukwenza kahle kukaMofokeng kuzovula indlela kwabalandela ngemuva kwakhe.  

“Uma esezinze kahle sizobona okuhle kuyena. Inselelo seyisele kwabeza ngemuva kwakhe. 

FUNDA NALA: Ufuna ukuqhuba isiko lokunqoba kwiBafana uHugo Broos

“Nangu umdlali osesigabeni sabo ngokweminyaka futhi ukhombisa ukuthi neqembu elikhulu libheke ukuthi ubani ozolandela.