Umngcwabo uhlehlile, iChippa United ivuke sewumbiwe umgodi
By Sbongs Gumbi
IChippa United ivuke seyikwabafileyo ivika izembe kwiDStv Premiership, ishiya abebegiya ngethambo layo bekhexile.
Kumaqembu abesempini yezembe, iChippa United yiyo abalandeli abaningi abebefisa ihambe iyosithela ehlathini.
Kodwa ke ngosuku lokugcina lwemidlalo yePremiership ikwazile ukuvuka sekumbiwe nomgodi, yathi ayingeni yona lapho.
Kugcine kuba yiMarumo Gallants edliwa yizembe kanti iMaritzburg United yona izothola ithuba emidlalweni yokuhlunga.
Izoyidlala neCape Town Spurs neCasric Stars le midlalo ezoqala ngoMsombuluko kaMeyi 29.
IChippa United isinde ngokuthi idlale ngokulingana neGolden Arrows emdlalweni wokugcina ngoMgqibelo ntambama.
Beyivele idinga iphuzu elilodwa ukuthi iphume kulo mgibe ehlezi izithola ikuwo cishe wonke amasizini.
Into ebiyenza abalandeli abaningi bafisele yona ibhadi lezembe wukuthi umphathi wayo uSiviwe Mpengesi usezakhele igama elibi.
UMpengesi akathathi kude ngaphambi kokuxosha umqeqeshi kuleli qembu lakhe ekubeni engafuni ukufaka imali athenge abadlali abasezingeni.
Kule sizini ephelayo nje iyodwa iChippa United ibe nabaqeqeshi abahlanu. Iqale isizini ngoDaine Klate.
Nokho wakhonjwa indlela kuthiwa udlala ibhola elingajabukisi yize imiphumela yayingemibi kakhulu.
Kube sekuqashwa uMorgan Mamilla kodwa naye wahlala imidlalo emihlanu qede wakhonjwa indlela, kwabuyiswa uKurt Lentjies.
Naye ubuye wadediswa kwathiwa akubambe uSiyabulela Gwambi obesebe yiphini labaqeqeshi isikhathi eside.
FUNDA NALA: URulani Mokwena uthi bayogcina beyitholile iChampions League
Naye akazange ahlale njengoba aphatha emidlalweni emibili qede kwathiwa akashenxe, kwangena uLehlohonolo Seema.
Yena ke ube nenhlanhla njengoba ekwazile ukulihlenga ezembeni leli qembu. Kodwa lokho akuqinisekisi ukuthi uzogcinwa.