IChiefs kaNtseki isajamile, akucaci kahle ngayo
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, uthi liza kahle iqembu alibumbayo kwiKaizer Chiefs yize imiphumela yakamuva ingagculisi.
UNtseki ungumqeqeshi wakamuva onikwe umsebenzi wokuvusa leli qembu elimngelikhulu ebholeni lakuleli.
IChiefs sekuphele iminyaka ecela kwengu-10 idonsa kanzima kanti abalandeli sebeqala ukungabaza ukuthi uNtseki engazibuyisa izinsuku zenjabulo.
Nemiphumela yakamuva ayimsizi ngalutho uNtseki, ikakhulukazi emehlweni abalandeli.
Abalandeli bebelokhu bekhuluma ngokuphatheka kabi kwabo ezinkundleni zokuxhumana, kanti kwezinye izikhathi ezingezinhle, baze baphendukele ekuziphatheni okunodlame.
Kule midlalo emihlanu edlule, iChiefs isanqobe owodwa nje vo, yadlala ngokulingana kwemibili yahlulwa kwemibili. Ingenelwe amagoli amane, yashaya amane.
UNtseki uyazivuma izinselelo iqembu lakhe elibhekene nalo futhi ukholwa wukuthi lizogcina lilungile.
“Mhlawumbe inkinga yengqondo mayelana nokuzola, noma mhlawumbe inkinga yobuchwepheshe ehlobene nokubulawa uma kukhulunywa ngezinkinga zethu zokushaya amagoli.
“Mhlawumbe wudaba lwamaqhinga mayelana nokuqonda indawo yomdlali ophethe, noma indawo yomdlali wasemuva noma unozinti.
“(Kodwa) wumsebenzi oqhubekayo. Sikholelwa ukuthi sihamba ngendlela efanele. Izithiyo azisishiyi sijabule.
“Kodwa sisakholelwa ukuthi singazinqoba lezi zithiyo futhi sikwazi ukuthola imiphumela emihle.
“Ileyo into esiyisebenzelayo uma siziqeqesha nsuku zonke, ngaso sonke isikhathi.”
Amaphutha ngamanye abizayo nawo avimbe iqembu. NgoMgqibelo behlulwa yiMamelodi Sundowns koweMTN8, unozinti uBrandon Petersen uphinde wenza iphutha elibi.
Uhluleke wancama ukucisha ibhola wavumela uPeter Shalulile ukuthi amphuce wase eshaya igoli lokuvula ngemizuzwana engu-10 nje vo.
Kodwa uNtseki naye wakuthatha lokho, wathi bekuyisu elihamba ngendlela exakile.
Uphakamise ukuthi ukube bekwenziwe kahle, bekungabanikeza imiphumela ehlukene nemnandi kakhulu.
FUNDA NALA: Isiyamkhathaza indlala yamagoli kwiPirates uRiveiro
UNtseki uzobe enethemba lokuthola umphumela ongcono uma iqembu lakhe iSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesithathu.