EzakamuvaIbhola

Le Chiefs ayisafani nesasidlala kuyo thina – Lebese

UGeorge Lebese, ongomunye wabadlali abashiya bezakhele igama futhi abangasoze balibaleka kubalandeli beKaizer Chiefs, usola abaphathi baleli qembu ngesimo esingesihle esikhona njengamanje.

Leli nxele likhala ngokuthi isandla sesinqaba kakhulu manje ukungena ephaketheni kubaphathi beChiefs.

UGeorge Lebese uthi lokhu kwenza kugcinwe abantu okumele ngabe izinkontileka zabo ziyanqanyulwa, bakhokhelwe bahambe. 

Yize ngabalulanga muntu ngegama, kodwa kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs ike yagcina abadlali abafana noLazarous Kambole yize sekubona nencane ingane ukuthi abafithi eqenjini. 

“IKaizer Chiefs ayisafani nangesikhathi kusakhona thina,” kusho uGeorge Lebese. 

Ubeyingxenye yezinkakha ebeziyizimenywa emjahweni weDkt Mathews Phosa Half Marathon White River eMpumalanga ngempelasonto. 

Ubekhuluma ngaphambi komdlalo wangeSonto la iChiefs ohlanjalazwe yiMilford FC iyibhulisa amazolo kwiNedbank Cup. 

“Abaphathi manje abasafuni nhlobo nemali futhi kunabantu abagciniwe eqenjini ngoba sekwenzelwa ukuthi kuqedelwe izinkontileka.”

Uthe umqeqeshi obambile njengamanje – osekuvele ukuthi uhlezi ngesinqe esisodwa – kumele anikwe ithuba elanele. 

“Mina bengibona uCavin Johnson kumele anikwe isikhathi. Ngiyazi akakaze anqobe ndebe ngokwakhe eyedwa. 

“Kodwa amava awathole kade esebenzisana noPitso, okusho ukuthi kukhona akufundile ngokunqoba,” kuchaza uLebese. 

Uthe abaphathi kuzomele bajike indlela abenza ngayo uma kuqashwa abaqeqeshi ngoba le abayisebenzisayo yiyo ebuyisela iqembu emuva.

Wenze isibonelo ngokungaqashwa kukaNasreddine Nabi ngoba nakhu ayebeke imibandela ethile eqinile. 

“Siyazi ukuthi (uNabi) abamthathanga ngoba wayefune ukuza nethimba lakhe azosebenzisana nabo.

“Manje ngala bona (abeChiefs) banabantu babo abafuna kube yibo amaphini ngoba nakhu nje benezinkontileka.”