Kuqaqamba inhliziyo kuDu Preez, izolashwa ukunqoba kweChiefs
Umgadli weKaizer Chiefs u-Ashley Du Preez usazibuza uyaziphendula ngokuhlulwa kwabo emdlalweni weMTN8 ngempelasonto.
Into emshiya nemibuzo kakhulu yindlela okwenzeke ngayo. IChiefs ishaywe yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 kulo mdlalo obe nezigemegeme eziningi.
Iliwashe kanjalo ke ijezi, kwaphela namathuba okuqeda indlala yezindebe esicela eshumini leminyaka.
Lokhu kumphoxe kakhulu uDu Preez. Kodwa ke uyazi ukuthi ukugxila kulokhu ngeke kusabasiza ngalutho manje.
Usejike umqondo wakhe wawubeka kokuzayo – okuwumdlalo weDStv Premiership okubhekwe ushube kakhulu.
Kulo mdlalo, iChiefs izobhekana neSekhukhune United eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoLwesithathu.
UDu Preez ufisa bajike izinto kulo mdlalo, babuyele emgqigqweni wokunqoba.
“Kunzima. Kusebuhlungu impela,” kusho lo mdlali ngokwenzeke eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo.
“Ngicabanga ukuthi besinethuba elikhulu lokuqukula indebe, sibhale kabusha umlando weqembu.
“Akwenzekanga futhi sibuhlungu ngalokho. Kuzoba nzima ukukwemukela ngoba kwenza sazi ukuthi sekuphele iminyaka singenayo indebe.
“Besikufuna kakhulu ukujika lokho, ikakhulukazi ukujabulisa abalandeli. Sibenzele phansi (abalandeli), neqembu silenzele phansi.”
Yize kunjalo, akuzusiza ngalutho ukubhuqwabhuqwa wusizi lwento esivele yenzekile futhi engeke isajika.
Yingakho uDu Preez ethi sebezobheka ukulungisa amaphutha ngendlela njengoba bebheke phambili manje.
“Kusekuningi esizokudlalela futhi lokhu okwenzekile kumele kube yisifundo kithi…
“Sekumele siqhubekele phambili ngokuthi sinqobe yonke imidlalo yethu. Yilokho kuphela okuzosipholisa ubuhlungu siyiqembu nabalandeli bethu.”
KwiPremiership nakhona iChiefs ayenzi kahle njengoba isaqoqe amaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni eyisikhombisa.
FUNDA NALA: IChiefs kaNtseki isajamile, akucaci kahle ngayo
Isalelele ngamaphuzu angu-13 kwiSundowns okuyiyo nakulokhu ezitshakadulela yodwa le phambili.