EzakamuvaIbhola

Isiyamkhathaza indlala yamagoli kwiPirates uRiveiro

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro ubalisa ngendlala yamagoli  njengoba leli qembu lehlulekile ukubhakuzisa inethi emidlalweni emithathu.

IPirates idlale neJwaneng Galaxy yaseBotswana yashaywa ngo 1-0, yaphinda yashaywa yiMamelodi Sundowns ngomphumela ofanayo. 

NeStellenbosh FC sipinde sona leso ngeSonto ntambama, siyibamba ngo 1-0 iPirates emdlalweni weMTN8. 

Nokho iPirates iyona edlulele phambili ngenxa yomthetho wamagoli asekuhambeni. 

URiveiro uthi uyabona ukuthi amaqembu asebafundile futhi manje asevele avale abadlali baseswini abaphakela uZakhele Lepasa amabhola. 

Lokhu kwenza kube nzima ukuthola amagoli uma kuvalwe uLepasa ongalibheki ipali. 

IPirates iwuqale kahle lo mqhudelwano weMTN8 ngokunabisa iSikhukhune United ngo 5-0. 

Umdlali wasohlangothini lwesobunxele uManapule Saleng, ubonakala ehlelwe yizinga lokudlala njengoba ebengumtakuli wePirates.

Kodwa amagoli awavumi kule sizini. Kulindeleke ukuthi iPirates ilungise ngokushesha, ithole isixazululo sokushaya amagoli. 

IPirates izodlala neJwaneng Galaxy emlezeni wesibili weCaf Champions League ekhaya e-Orlando Stadium ngempelasonto. 

Leli qembu laseBotswana lisethubeni elihle nengoba lanqoba ngo 1-0 ekhaya. 

Lokhu kusho ukuthi iPirates kumele nakanjani ishaye amagoli angaphezu kwamabili kulo mdlalo ukuze idlulele phambili. 

FUNDA NALA: UNtseki uvuma ukubheda kwecebo lakhe ngephutha likaPetersen

Ngo-Okthoba 7 izodlala umdlalo wamanqamu wkiMTN8 neSundowns eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.