EzakamuvaMotsepe Foundation Championship

Elinye iqembu lePSL selisidayisile isitifiketi salo sokudlala?

PHILI HLONGWANE

I-Pretoria Callies FC, egijima kwiMotsepe Foundation Championship, kuvela ukuthi seyisidayisile isitifiketi sayo sokudlala kule ligi njengoba kuqala imidlalo yesizini ka-2024/2025.

Ngokuthola kweMpempe isitifiketi saleli qembu lasePitoli sithengwe yi-Ikapa Sporting FC egijima kwi-ABC Motsepe League eWestern Cape. Nokho kuthiwa ukuthengwa kweCallies akusho ukuthi iqembu lizosuka ePitoli kule sizini ngoba konke kwenzeke isikhathi sesimomolotwe yingcanga.

Abadlali abathile be-Ikapa Sporting kuthiwa bazoya kohlangana nabeCallies ePitoli, iqembu liqhubeke nokudlalela imidlalo yalo esifundazweni iGauteng. Kusobala ukuthi sekuyobonakala uma kuphela isizini ukuthi liyafudukela yini eKapa. Akekho nokho kula maqembu ofuna ukuphumela obala ngalokhu.

Uma la mahemuhemu eyiqiniso, iCallies yiqembu lesibili lePremier Soccer League (PSL) ukudayisa isitifiketi ngaphambi kokuqala kwesizini. Ezinyangeni ezedlule iMoroka Swallows idayisele iMarumo Gallants isitifiketi sokudlala kwiPremiership, nokuchaza ukuthi yona (iSwallows) isizodlala kwiChampionship.

Ngakolunye uhlangothi iMaritzburg United isizobizwa ngeDurban City kulandela ukushintsha igama nokuthuthela eThekwini isuka eMgungundlovu. AbeMaritzburg (esibizwa ngeDurban City) bebenganeme ngokuncishwa ukudlalela eHarry Gwala Stadium, nokuphucwa imali abebeyithola kumasimala uMsunduzi. Konke lokho sekubuyele kwiRoyal AM kaShaun “MaMkhize” Mkhize.

Imidlalo yeChampionship iyaqala ngempelasonto. ICallies izobhekana neLeruma United ngoMgqibelo, kanti akwaziwa noma vele izobe isihlangene yini nabadlali be-Ikapa Sporting.