EzakamuvaIbhola

Ufisa ukuxoxa noTeko Modise umdlali ‘olandelwa isiqalekiso’

Umdlali wasemuva uBongani Makume unesifiso sokuxhumana noTeko Modise abona engase amsize kule nkiyankiya abhekene nayo. 

UMakume uzibona eneshwa njengoba amaqembu amabili abedlala kuwo kwiDStv Premiership edliwe yizembe okuyinto emdalele isigcwagcwa. 

Uqale kwiBaroka FC la ayengomunye wabadlali abagqama yize izinto zazibhimba yaze yagcina idliwa yizembe. 

Ngaleso sikhathi kwakunamahlebezi okuthi uhalelwa amaqembu amakhulu aseSoweto i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs. 

Kodwa wagcina ephelele kwiMaritzburg United nayo edliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule. 

Kumanje uMakume akanaqembu njengoba ehlukane neMaritzburg ngoba bengavumelani ngemali kwazise iqembu selishikisha kwiMotsepe Foundation Championship.

Lesi simo akuso njengamanje simbangela umkhwantalala kanti utshele iDiski Times ukuthi ufisa ukuxoxa noTeko Modise ngaso.

Phela naye uTeko Modise kwake kwaduma ukuthi uneshwa elibi elenza amaqembu adlala kuwo angaphumeleli, ikakhulukazi ngesikhathi ekwiPirates neBafana Bafana. 

Lezo zinkulumo zaze zavaleka esewina izicoco ezehlukene neMamelodi Sundowns. 

“Ukube benginazo izinombolo zikaTeko Modise bengizomthinta ngimbuze ukuthi yena wabhekana kanjani nalesi simo. 

“Isimo la yonke into kuvele kube ngathi ikujikele, nomhlaba uyakunciphela,” ucashunwe esho kanje uMakume. 

“Ngingambuza ukuthi wasimela kanjani lesi simo nalemicabango ayenayo ngoba uma uzwa indaba yakhe naye wake wazibona eqalekisiwe. 

“Kodwa mina angifuni ukucabanga kanjalo. Ngiyazi yibhola, yimpilo futhi ngiyafisa ukuxhumana naye. 

“Angifuni ukuqamba amanga, ngizwa sengathi lesi simo adlula kuso siyafana nalesi engibhekene naso njengamanje.”

UMakume uthi into emudla kakhulu wukuthi njengamanje abanye abadlali sebewatholile amaqembu, kusele yena yedwa. 

“Kubuhlngu, angifuni ukukufihla lokho. Ngizizwa ngisele ngedwa nje. Kubuhlungu ikakhulukazi uma wazi ukuthi ubungomunye wabadlale kahle ngesizini edlule. 

“Yize sagcina sidliwe yizembe, bengingomunye wabadlali abebeqokwa njengabavelele emidlalweni yethu. 

FUNDA NALA: Uqinisa isitolobho uMabhuti Khenyeza kwi-Arrows

“Isimo esinjena sikwenza uzibuze uziphendule ngezinto uze ugcine usuzingabaza kwawena yize wazi ukuthi uyawenza umsebenzi enkundleni.”