Eva Nga: Ilahlekelwe yisiklwibhisi iBucs kushiya mina
SIHLE NGUBO
UBienvenu Eva Nga, osanda kubuyela kwiChippa United, ukholwa wukuthi ungcono kunabo abagadli abakhona kwi-Orlando Pirates njengamanje.
U-Eva Nga ufike kwiPirates zangamhambela kahle neze izinto ngaphansi komqeqeshi uJose Reveiro.
Yize kunjalo kodwa iPirates ibingakaze isho lutho ngokumchitha lo mgadli, oneminyaka engu-31, ebimlande kuyona iChilli Boys.
Nokho uzikhethele yena ukuhamba (abuyele kwiChippa) ngoba ebona ukuthi izinto azihlangani, akalitholi kahle ithuba lokudlala.
Ukungadlaliswa kwakhe u-Eva Nga kubukeka bekumdida njengoba ezishaya isifuba ngokuba sezingeni eliphezulu kunabo bonke abagadli bePirates.
“Ngizokusho lokhu ngenhlonipho enkulu. Abagadli abakhona kwiPirates bebengekho ngcono kunami,” kusho u-Eva Nga kwiSoccer Laduma
“Nabo lapho bekhona bayakwazi lokho.” Ngaphambi kokujoyina iPirates u-Eva Nga ubeshaye amagoli ayishumi kwiChilli Boys, kuyo yonke imiqhudelwano.
KwiBucs ubebanga indawo noZakhele Lepasa, u-Evidence Makgopa, Suaibou Marou noMonnapule Saleng, obuye adlale kakhulu ohlangothini.
Muva nje bese kubuye uTshegofatso Mabasa obebolekiswe kwiMoroka Swallows.
FUNDA NALA:Â URiveiro uphawula ngoButhelezi ngemuva kokuthunjwa
Bonke laba kuyacaca ukuthi akababoni bengaphezu kwakhe u-Eva Nga, ongowokudabuka eCameroon.
Lo mgadli usenegoli elilodwa alishayile kusukela ebuyele kwiChippa kanti uzobe ebhekiwe uma sebebhekene neRichards Bay emdlalweni weligi ngoLwesithathu.

