UMazinyo uvuma eyokushona kwelanga kwiSpurs uma…
Umqeqeshi weCape Town Spurs u-Ernst Middendorp ugqamise isimo esibhekene ngqo neqembu lakhe, egcizelela ukuthi umdlalo wabo ozayo ne-Richards Bay uzocacisa ikusasa labo.
Embangweni wamaqembu abhekene nezembe, iSpurs izobhekana neRichards Bay esendaweni yesibili ukusuka emsileni e-Athlone Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.
Njengoba kunamaphuzu ayisishiyagalombili kuphela ahlukanise lamaqembu amabili adonsa kanzima futhi kusele imidlalo eyisithupha, lo mdlalo ubaluleke kakhulu.
“Uma singawini ngoLwesihlanu, ungasiphetha isahluko (seSpurs kwiPremiership), yiqiniso lelo,” kusho uMiddendorp kwiSportsWire.co.za.
“Ngiqonde lokhu engikushilo, asikho isidingo sokukuchaza.
“Uma sidlala lamanyala ebesiwadlala, ngeke silunge. Kufanele siwunqobe lo mdlalo.
Ukuthi sikwenza kanjani lokho akusho lutho,” kuqhuba lo mqeqeshi onamava.
Nomqeqeshi weBay uVusumuzi Vilakazi uyazi ukuthi leli yithuba lokushovela iSpurs ezembeni, bazisindise bona.
“Lona wumdlalo lapho sizobhala khona umlando weCape Town Spurs,” kuphawula uVilakazi, egcizelela ukubaluleka kwalo mdlalo.
FUNDA NALA: BUKA: ISundowns yesekwa uDJ Khaled kowe-Esperance
“Uma sesidlala nabo kumele siqiniseke ukuthi siyabashaya ukuze sazi ukuthi siyakhohlwa yiCape Town Spurs… sigxile ekujaheni amaqembu angaphezulu kwethu.”

