EzakamuvaIbhola

UNtseki uthembisa iChiefs engcono koweSekhukhune

Sihle Ngubo

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, uthi kumele iqembu liye ngokukhula, libe ngcono emdlalweni ngamunye eliwudlalayo.

Amakhosi aphuma ekuphoxweni yiMamelodi Sundowns ewashaye ngo 2-1 emdlalweni womlenze wesibili weMTN8 ngoMgqibelo. 

Ngaphambi kwalokho abambane neRoyal AM ngo 0-0 koweDStv Premiership.

“Into esemqoka kithina yindlela esicabanga ngayo ngaphambi komdlalo olandelayo. 

“Ngeke silokhu sicabanga kakhulu ngomdlalo odlule,” kusho uNtseki kwi-website yeChiefs.

“Umdlalo odlule unendima encane kakhulu njengoba silungiselela umdlalo ozayo. 

“Sicabanga ngomdlalo ozayo ngokomqondo, indlela esenza ngayo izinto nokuthi sizilungiselela kanjani.

“Umdlalo olandelayo ubalulekile kunodlule. Yindlela leyo esicabanga ngayo nesizama ukuyigcizelela eqenjini.”

IChiefs izobhekana neSekhukhune United emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku. 

UNtseki uthe uzoba nzima lo mdlalo, “Uma ubheka imidlalo edlalwe yiSekhukhune ngaphambi kwalona bebenza kahle kakhulu. 

“Bayiqembu elinomgqigqo. Okubalulekile nje kithina ukuthi silokhu siba ngcono emdlalweni ngamunye esiwudlalayo. 

“Sizoshintsha amagiya uma sesibhekene neSekhukhune,” kuchaza lo mqeqeshi onengcindezi emangalisayo. 

FUNDA NALA: Ufisa ukuxoxa noTeko Modise umdlali ‘olandelwa isiqalekiso’

Lo mqeqeshi uveze ukuthi kukhona abadlali ababili abathintekile emdlalweni odlule, “kodwa akuyona inkinga lokho ngoba bakhona abanye abadlali abakwaziyo ukwenza umsebenzi.”