EzakamuvaIbhola

Uqinisa isitolobho uMabhuti Khenyeza kwi-Arrows

Alfred Ngubane

UMabhuti Khenyeza usekhiphe isixwayiso kubadlali beGolden Arrows ngokuthi liyasetshenzelwa ijezi kuleli qembu. 

Ukusho lokhu nje uKhenyeza kusanda kuhamba uVusumuzi Vilakazi obenguzakwabo kuleli qembu laseThekwini. 

UVilakazi walaxaza umsebenzi kungazelele muntu, walandelwa yizinsolo zokuthi ubengabaqoki abadlali ngokokusebenza kwabo.

Kwathiwa ubenokwenzelela ngokuthi kube khona ‘ukuxoxisana’ kuye nalowo mdlali ofuna ukuthola ijezi. 

Kodwa ke manje njengoba sekukhala esikaMabhuti Khenyeza isicathulo, isikimu sesizosetshenzelwa. 

“Abadlali abangalisebenzeli ijezi bazokhuhla ibhentshi, badle amaqhwa,” kusho lo mqeqeshi owaziwa ngokusebenza ngokuzikhandla ngisho esengumdlali. “Umdlali nomdlali kumele akhumbule ukuthi usemsebenzini la, uzosebenzela umndeni wakhe ngakho kumele azinikele.”

Lo mqeqeshi usanda kuthatha izintambo zokuba yinhloko yabaqeqeshi kwi-Arrows. 

Ngaphansi kukaMabhuti Khenyeza leli qembu selidlale imidlalo embili ladlala ngokulingana neStellenbosh FC ekhaya. 

Liphinde ladlala neCape Town Spurs ekuhambeni, layifaka induku ka 2-0.

I-Arrows isendaweni yesibili kwiDstv Premiership. Emidlalweni eyisithupha inamaphuzu angu-11, ilandela iMamelodi Sundowns ehlezi phezulu ngamaphuzu angu-21. 

Kulindeleke ukuthi Abafana beS’thende baqhubeke nokudlala ngokuthembeka ngaphansi kwabaqeqeshi uMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu. 

I-Arrows izoze ibuyele enkundleni ngo-Okthoba 5 isiyobhekana neSekhukhune United ekuhambeni. 

Lokhu kungenxa yokuthi umdlalo wayo ne-Orlando Pirates obekumele ube ngeSonto uhlehlisiwe. 

FUNDA NALA: UMammila ufanise iChippa nele-EPL eshaya iSuperSport kaHunt

IPirates izodlala oweCaf Champions League neJwaneng Galaxy ngoLwesihlanu kusihlwa.