UBroos akafuni u-Evidence Makgopa ajahe phesheya
UHugo Broos, ongumqeqeshi weBafana Bafana ukholwa wukuthi umgadli we-Orlando Pirates, u-Evidence Makgopa akakakulungeli ukuyodlala phesheya kwezilwandle.
UMakgopa ngomunye wabadlali abadlale kahle kwiBafana ngesikhathi ise-Ivory Coast kwi-Africa Cup of Nations.
Yize eshaye igoli elilodwa u-Evidence Makgopa kulo mqhudelwano, kodwa ubewusizo eqenjini.
Ubekwazi ukudonsa izitobha azikhiphe ebhokisini ukuze oThemba Zwane noPercy Tau bathole izintuba zokukhahlelela ipali.
Abaningi bambone esengalunga ukuyodlala phesheya ukuze akhule kakhulu, abuye eseyenzela okungcono kakhulu neBafana.
Kodwa uBroos yena akaboni kanjani njengoba efuna u-Evidence Makgopa, oneminyaka engu-22 aqiniswe khona kuleli.
“Kusamele aqine ukhakhayi khona kwi-Orlando Pirates, aphinde adlale kwiCaf Champions League.
“Kumele ashaye amagoli kwiChampions League,” kusho lo mqeqeshi.
“Kumanje abadlali abangalunga phesheya ngoKhuliso Mudau, Teboho Mokoena noRowen Williams.
“Phela phesheya kwezilwandle umbango wejezi mkhulu kakhulu. Yebo, udlale kahle yena ngalokho akukho ukuthi kumele ayohlala ebhentshini.
“Kusamele adlale njalo kwi-Orlando Pirates khona ezoqina kakhulu,” kuchaza uHugo Broos.
Indlela adlale ngayo uMakgopa, uthishwa ngokuthi uzoba ngumgadli ohamba phambili kuleli.
FUNDA NALA: Isigwebo sikaKhune kwiChiefs sesibukeka siwudilikajele
Kubonakala ezolandela ezinyathelweni zikaPhil Masinga owaduma kwiJomo Cosmos, Mamelodi Sundowns, Leeds United, Bari FC neBafana Bafana.

