EzakamuvaIbhola

UZwane weDowns uthi iStellies isenzima ngaphandle kuka-Ox 

Ukaputeni weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, uvumile ukuthi iStellenbosch FC ayilona iqembu elibuthaka yize ilahlekelwe nguSibongiseni Mthethwa osedlala kwiKaizer Chiefs.

U-Ox, okuyigama adume ngalo uMthethwa, usuke eCape Winelands waya esigodini seChiefs esiwubukhazikhazi eNaturena ngoLwesine oludlule.

ISundowns izobhekana neStellies emdlalweni weDStv Premiership ozokuba seLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu ebusuku. 

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo, uZwane uthe umqeqeshi weStellies, uSteve Barker, yindoda ehlezi inamaqhinga futhi uzoba nomuntu ozokwazi ukuvala isikhala sikaMthethwa.

“Angicabangi ukuthi ukulahlekelwa uMthethwa othathwe yiChiefs kubenza babe yiqembu elibuthaka,” kusho uZwane etshela abezindaba ngoLwesibili.

“Uma ubheka indlela umqeqeshi uBarker enza ngayo izinto, uzohlala enomuntu ofana noMthethwa. Banabadlali abaningi abanamandla. 

“Uma ngikhuluma iqiniso, kuzoba wumdlalo onzima – iStellenbosch ihlezi ibheke ukusebenzisa ijubane layo phambili.

“Bazohlala emuva bazame ukusibamba ngokuhlasela ngokuzumisa, kodwa siyazi ukuthi yini okumele siyenze. 

“Sizolinakekela ibhola futhi sizame ukuphatha kahle umdlalo,” kusho uZwane.

Selokhu kuhambe uMthethwa, iStellies isadlale umdlalo owodwa, yahlula i-Orlando Pirates ngo 1-0 emdlalweni womlenze wesibili owandulela owamanqamu weMTN8 ngempelasonto.

UZwane ubalule u-Iqraam Rayners njengomdlali weStellies ozoba yinkinga, engeza ngokuthi abadlali abafana noSihle Nduli nabo bazoba yinkinga. 

UNduli udlale kahle bebhekene nePirates, wakhombisa ukuthi engakwazi ukusivala isikhala esivuleke kuhamba uMthethwa. 

ISundowns yona izobe ibheke ukunqoba umdlalo wesishiyagalombili kulandelana kwiligi kule sizini. 

FUNDA NALA: UNtseki uthembisa iChiefs engcono koweSekhukhune

Nokho ke kuzomele izibambe ziqine kwazise iStellies ivamisile ukuyithwalisa uthayela emoyeni.