Bathathu abamataniswa nowokuqeqesha iMilford
Sekuvele amagama abaqeqeshi abathathu okubhekwe ukuba bathathe umsebenzi wokuqeqesha iMilford FC exoshe u-Asanda Mvalo ngempelasonto.
UMvalo nethimba lakhe batshelwe ngeSonto ekuseni ukuthi umsebenzi uphelile ngemuva kwemidlalo emithathu becija leli qembu elifikayo esigabeni seMotsepe Foundation Championship.
IMilford yathenga isitifiketi soThongathi FC. Ngeshwa imiphumela beyiliphika leli qembu emidlalweni yalo yokuqala.
Libe seliba ngelesibili ukuxosha umqeqeshi, lilandela iBlack Leopards esheshe yamdedela owayo ebimlande eSpain.
UMvalo nguye obecija leli qembu ngesikhathi lidlala kwi-ABC Motsepe League ngesizini edlule.
Leli qembu kulindeleke ukuthi limemezele umqeqeshi walo omusha maduze nje. Futhi ngokubika kweFAR Post, kuzoqokwa kwabathathu.
Kuthiwa kubhekwa kuMpho Maleka ozakhele igama kwiMarumo Gallants ngesikhathi isabizwa ngeTshakhuma Tsha Madzivhandila.
Ungomunye wabaqeqeshi abakhulayo kuleli abazimisele ngomsebenzi wabo njengoba eseneziqu zeCaf A License asanda kuzenza eZambia.
Kukhona negama likaMandla Zwane owake wagijima kwi-Orlando Pirates nobeqeqesha i-University of Johannesburg.
Ngesizini edlule uZwane ubekwiTembisa Sports Centre edlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng. Naye uneCaf A License.
Omunye obalwayo nguSimo Dladla okumanje wenza iziqu zeCaf A License eBotswana. Kulaba bobathathu nguye onamava angcono.
FUNDA NALA: Kucaciswa eyabathole amathikithi owamanqamu ka-R80
Nokho njengamanje unenkontileka kwiMariztburg United la eyiphini liikaZipho Dlangalala khona.