IVIDIYO: UMthethwa uzethula kwabeChiefs, ubiza ekaKhuzani
Umdlali omusha weKaizer Chiefs, uSibongiseni Mthethwa, usekhulume esidlangalaleni okokuqala kusukela ejoyine leli qembu ngesonto eledlule.
UMthethwa akachithanga sikhathi ukujwayela eNaturena, futhi ubonakale edlala okokuqala kuleli qembu kuleli viki.
Ungene esiwombeni sesibili eMoses Mabhida Stadium la emukelwe ngenhlokomo emangalisayo ngabalandeli abebefa yinjabulo.
Ungene endaweni ka-Edson Castillo ngomzuzu ka-64 iChiefs ihlula iSekhukhune United ngo 2-1 eThekwini ngoLwesithathu kusihlwa.
Usevele ke ungomunye wezintandokazi zabalandeli osekunesikhathi befisa ukuthi ake azogijima kuleli qembu labo.
Lo mdlali wasesiswini onethalente, odabuka KwaZulu-Natal, ube nesizini enhle kuStellenbosch FC.
IStellies igcine ivumile ukumdedelela iChiefs sekusele usuku olulodwa kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
“Ngizizwa ngihloniphekile ukuba yingxenye yalo mndeni – umndeni omkhulu,” kusho leli bhungu laseNtabamhlophe, eMtshezi.
“Futhi akuwona nje noma yimuphi umndeni, kodwa umndeni onomlando. Ngijabule kakhulu ngokuba lapha,” kusho uMthethwa kwividiyo ekhishwe yile kilabhu ngoLwesihlanu.
Ekhuluma nozakwabo, uMthethwa ubuyele olimini lwesiZulu wathi, “Ngiyabonga ukuba yingxenye yenu bafowethu.
“Ngethemba ukuthi sizobambisna njengamadoda, futhi sihloniphane lapho kumele sihloniphane khona.”
Kubalandeli, u-Ox uthembise ukuthi uzoqhubeka nokusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi iqembu liyazivuna izithelo zokumsayinisa.
“Into engingayithembisa ukuthi ngizoba yolo Ox abamaziyo bonke. Ngizoqhubeka nokuphusha futhi ngizokwenza konke ukuze bajabule.”
U-Ox ungumlandeli wokuqina womculi kaMaskandi uKhuzani, kanti uthe, “Umculo engiwukhonzile, njengoba nazi ukuthi ngingowasemakhaya eKZN, kumele kube uMaskandi – ngiwumfana wasemakhaya.
FUNDA NALA: Bathathu abamataniswa nowokuqeqesha iMilford
Ube esebiza ingoma, eshaya eyomculi kamaskandi amthandayo, uKhuzani ethi Is’milo Sami. Buka ividiyo ngezansi: