EzakamuvaIbhola

Kucaciswa eyabathole amathikithi owamanqamu ka-R80

Sihle Ngubo

I-Premier Soccer League (PSL) ithi labo abathenge amathikithi omdlalo wamanqamu weMTN8 ngo-R80 ngesikhathi eqala ukudayisa kuzomele bawenze kabusha ngaphambi kokuthi kufike usuku lomdlalo.

Kube nokudideka ukuthi yini abanye bethenge amathikithi ngo-R80 esikhathini esingangehora evuliwe, kwathi ngemuva kwalokho kwavela ukuthi amathikithi empeleni angu-R100.

“Angazi mnewethu ukuthi kwenzeke njani lapho. Kodwa kuzofanele baxhumane neTicketpro bawenze kabusha amathikithi,” kusho uFhatuwani Mpfuni okhulumela iPSL.

Ubebuzwe yiMpempe ukuthi kanti abanjani abathenge amathikithi ngo-R80, nokuthi ngeke yini lokhu kubanike inkinga uma sebefika enkundleni. 

Ugcizelele ukuthi: “Yebo kumele baxhumane neTicketpro.” Umdlalo wamanqamu weMTN8 phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. 

Lo mdlalo uhlelelwe ukuba ngo-Okthoba 7 ,  eMoses Mabhida Stadium Stadium, eThekwini kanti uzoqala ngo-6 ntambama. Amasango azovulwa ngo-12 emini.

IPirates ifike kowamanqamu ngokudlula kwiStellenbosch FC ngo 2-2 sekuhlanganiswe imilenze emibili. 

Isizwe ukuthi ishaye amagoli amabili ekuhambeni emlenzeni wokuqala eKapa.

ISundowns yona idlule kwiKaizer Chiefs ngo 3-2 sekuhlanganiswe imilenze emibili kweyandulela owamanqamu. Umdlalo womlenze wokuqala wawuphele ngo 1-1 eFNB Stadium, kwathi kowesibili kwaba ngu 2-1.

Ngokujwayelekile amathikithi abiza phakathi kuka-R40 no-R60 emidlalweni yeligi. Amathikithi aphele ngemuva kwamahora ngu-18 kuvuliwe ukuthengiswa kwawo.

Nokho lo mdlalo wamanqamu weMTN8 uthathwa njengophezulu ngoba kuzobe kutholene amaqembu aphezulu – iPirates neSundowns.

FUNDA NALA: UMatlou uveza okumbambezelile ekugqameni kwiChiefs

Iqembu elizodla umhlanganiso eMabhida lizokhala lemuke no-R8 million, kanti elizokhala ngaphansi lizothoka u-R800 000 kuphela.