EzakamuvaIbhola

UHugo Broos uhloniphe uJomo Sono ngendondo ye-Afcon

Inkakha yebhola kuleli, uJomo Sono, izithole seyihlonishwa ingalindele kade izivakashelele uDanny Jordaan eSafa House ngoLwesithathu. 

UMjomane, ookuyigama eyaziwa ngalo le nsephe, ingumnikazi nomqeqeshi weJomo Cosmos okuyiqembu elakhiqiza inqwaba yabadlali kuleli. 

Wake wayiqeqesha neBafana Bafana ngo-1998 ngesikhathi igila izimanga kwi-Africa Cup of Nations eMali. 

Kuthe esazihlalele noJordaan, kwangena umqeqeshi wamanje weBafana Bafana uHugo Broos ephethe indondo yethusi abayinqobe e-Ivory Coast.

IBafana ibuye nendondo kulandela ukulala isithathu kulo mqhudelwano egile kuwo izimanga kungazelele muntu. 

UBroos ube esenikeza uJomo Sono le ndondo njengendlela yokuhlonipha igaleli lakhe laphambilini kwiBafana. 

“Kuyisimanga esikhulu kimina lokhu,” kusho uSono etshela uphiko lwabezindaba kwiSafa.

“Lesi yisenzo esikhulu esivela kumqeqeshi uHugo Broos neSafa. Lokhu kusho lukhulu kimina futhi ngizoyazisa le ndondo.”