IChiefs yethule ibhizinisi elisha esingene kulo, izodayisa ama-chips
I-Kaizer Chiefs ikhulisa amabhizinisi ayo ngokungena embonini yezibiliboco namafelemlonyeni, kanti ngoMsombuluko yethule ukuthi seyinama-chips ayo.
Lesi simemezelo senziwe ekomkhulu lale kilabhu eNaturena, lapho bekuhlangene khona abezindaba ukuzoxoxisana nabadlali nomqeqeshi ngaphambi komdlalo wangoLwesibili ebusuku.
Ngaphambi kokuthi kuqale lezi zingxoxo, isikhulu esiphethe ezokuxhumana kuleli qembu, uVina Maphosa, udalule izindaba ‘ezijabulisayo’ zokuthi iKaizer Chiefs isingene shi ebhizinisini lezibiliboco.
“Namuhla akulona usuku olujwayelekile lwesithangami nabezindaba,” kusho uMaphosa.
“Silapha ukuzomemezela kini nomphakathi ukuthi iKaizer Chiefs… okuyiqembu lebhola lezinyawo elihamba phambili eNingizimu Afrika, liyaziqhenya ngokumemezela ukungena kwalo emkhakheni wokudla ngokwethula ama-chips amazambane iKaizer Chiefs Chips.”
UMaphosa uveze ukuthi babone isidindo sokungena kulo mkhakha ngoba kunobudlelwano obukhona phakathi kwebhola nokudla okulula.
Ugqamise ukuthi abalandeli bavamise ukuzitika ngalolu hlobo lwezidlo uma bebuka imidlalo, kungaba senkundleni noma kumabonakude.
“Lokhu kuyingxenye yebhola… Awukwazi ukubukela iTV ngaphandle kokudla ukudla okulula.
“Awukwazi ukubukela umdlalo enkundleni yezemidlalo ngaphandle kokudla ukudla okulula.
“Ngakho-ke yilokhu esesikwenzile njengeKaizer Chiefs,” kwengeza uMaphosa ngoMsombuluko.
Ama-chips amazambane asanda kwethulwa azoba nezinongo ezintathu okwamanje okuzoba yi-Grilled Steak, Salt and Vinegar no-Tomato.
Usuku lokutholakala kwama-chips ezitolo lusazomenyezelwa yiqembu kodwa uMaphosa uthembise ukuthi kuzophela u-Okthoba esekhona ezitolo.
Ukubuyela ebholeni, iChiefs izilungiselela ukwamukela iCape Town City emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium ngoLwesibili, ngo-7:30 ebusuku.
FUNDA NALA: Ligcine ligqashukile igoda kuBartlett neSpurs, kade yashiphelana
IChiefs igcwele ukuzethemba ngemuva kokunqoba ngo 2-1 kwiSekhukhune United emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngeledlule.